UHLABE ukungcola okugcwele enkabeni yedolobha eThekwini namabhilidi asele dengwane angahlali muntu, athi asephenduke imihhume yabaphangi, uSihlalo we-ActionSA KwaZulu-Natal, uDkt Makhosi Khoza.
Ukusho lokhungoMsombuluko ohambenilakhe lokuhlola izakhiwo namabhilidi angahlali muntu enkabeni yedolobha.
Uqale eMorningside okuyindawo eyakhelene nedolobha lapho ebikelwe khona yizakhamuzi ukuthi kunezakhiwo eziyisithupha ezingahlali muntu okuqwayizelwa kuzo futhi kudayiswa nezidakamizwa.
Laba bantu bathe bazizwa bengaphephile futhi basola ukuthi umnikazi wale ndawo ukweleta uMasipala imali yama- rates ebalelwa kuR2.9 million angayikhokhile.
UDkt Khoza udlulele enkabeni yedolobha nalapho ethe ubingelelwe wukungcola nodoti osaphazeke yonke indawo. Babikele uDkt Khoza usizi lwabo abahlala efulethini likahulumeni i-Esplanade emgwaqweni uStalwart
Simelane. Laba bantu bakhala ngokuthi sebehlale kule ndawo kusukela ngo-2010, selokhu babanjiswa udonga lokwakhelwa izindlu zomxhaso yilo Mkhandlu kusukela befika.
“Amanye amabhilidi agxaza amanzi, akhanya ugesi ubusuku nemini, asemile ukhula kodwa awahlali muntu kodwa agadiwe.
“UMkhandlu ukhala ngezindawo ozohlalisa kuzo abantu ekubeni kunezindawo eseziphenduke inkundla yokwenza ubugebengu,” kusho uDkt Khoza.
Uthe uma i-ActionSA ithatha amandla okuphatha eThekwini izoqiniseka ukuthi idolobha lihlanzekile futhi liphephile.
Ubalule ukuthi iTheku laziwa ngokuheha abavakashi abazongcebeleka ngakho kubalulekile ukuthi abalihambelayo bafikela endaweni ehlanzekiile futhi ephephile ngaso sonke isikhathi.
Uthe bazophasisa umthetho wedolobha ozokwenza kube semthethweni ukuthi usuku olulodwa enyangeni kube ngolokukhuculula ukungcola okugcwele edolobheni.
.