UHAMBO olusanda kuthathwa yiMeya yaseTshwane, uMnuz Solly Msimanga, eTaiwan lufaniswa nokuzama ukuketula umbuso futhi luphula ezinye zezivumelwano iNingizimu Afrika enazo neChina. Lokhu kuvele esitatimendeni esithunyelwe yi- African National Congress (ANC) ngoLwesithathu.
“Uhambo alukhombisi nje kuphela uzungu oluboshelwe amazwe e-BRICS (Brazil, Russia, India, China neSouth Africa) kodwa luphinde luveze ulwazi oluncane uMsimanga analo ngeqhaza okumele alibambe namandla anawo kanye nokuqonda kahle ukusebenza kwezinhlaka ezintathu zikahulumeni,” kusho isitatimende sekhokhasi ye-ANC eTshwane.
“Asinakho ukungabaza ukuthi uhambo lungafaniswa nemizamo yokuketula umbuso. Sizoxhumana noNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu nezinhlaka zomthetho ukukhuluma ngengozi yohambo.”
UMsimanga unyakazise ubudlelwano beNingizimu Afrika namazwe aku-BRICS ngesikhathi evakashela inhlokodolobha yaseTaiwan, iTaipei, phezu kokuba ekade etsheliwe wuMnyango weziNdaba zangaPhandle nokuBambisana, ukuthi angavakashi.
Okhulumela umnyango, uMnuz Clayson Monyela, uthe uhulumeni ubemlulekile uMsimanga ukuthi angayi eTaiwan.
Okhulumela uMsimanga, uMnuz Samkelo Mgobozi, ukuchithile ukugxekwa kukaMsimanga wathi ubemenywe wumlingani wakhe eTaipei. - ANA