BONISWA MOHALE
UGQUGQUZELE intsha ukuba inakelele imvelo uNksz Nozipho Mdunge (24) oyiForestor okungumsebenzi owenziwa ngumuntu onolwazi lwamahlathi.
UNksz Mdunge uqaphe ukugencwa kwamahlathi, acwaninge ngezihlahla osekumele zisuswe nokuthi lokho kwenzeke ngendlela efanele uma sekwenziwa.
“Uma kuvunwa izihlahla kumele ngiqinisekise ukuthi zigawulwa kahle akonakali ihlathi. Kunezihlahla okungamele zithintwe yingakho kumele ngibe khona. Intsha kumele inakekele imvelo yikhona singeke size sibe nayo inkinga yokuphelelwa ngamanzi. Uma abantu benakekela imvelo bazokwazi nokuthi yiziphi izihlahla okumele zongiwe. Umoya ohlanzekile namahlathi kuyasivikela uma kuba nezinhlekelele,” kusho uNksz Mdunge.
Uthe wangena emkhakheni wezamahlathi ngoba ekhule kuwono eMtubatuba.
“Indawo yangakithi eMtubatuba inamahlathi amaningi. Ngikhethe ukungena kulo mkhakha ngoba ngifuna ukonga imvelo. Amahlathi yiwona asinika umoya ohlanzekile. Kumele izinkampani uma zitshala izihlahla zingazisusi izihlahla zemvelo futhi zingaphazamisi izilwane eziphila ehlathini.”
Uthi: “Ngiqashwe eSiyawisa Hlathi ngonyaka odlule. Ngaphambi kwalo msebenzi bengisebenzela inkampani ezimele ngenza ucwaningo ngamahlathi,” kusho uNksz Mdunge.
Esikoleni wenze iMaths neSayensi.
Uneziqu zeNational Diploma kwiForestry azithole eNelson Mandela Metropolitan University, e-Eastern Cape.
Uthe umsebenzi wakhe uyawuthanda ngoba umnika isikhathi sokusebenza ngaphandle abheke ukuthi imvelo ayithikamezeki.
UNksz Mdunge onengane yomfana, uphethe ngokuthi abesifazane kumele bangene kwezamahlathi nokongiwa kwemvelo ngoba wumkhakha oletha umehluko emhlabeni.
“Siyayidinga imvelo ngakho kumele kube nabantu abasibhekela yona ukuqinisekisa ukuthi amahlathi, izihlahla zemvelo kuhlala kukhona. Izihlahla zemvelo zenza umhlaba uvunde, aziwadli amanzi futhi uma kunezikhukhula isihlabathi asiguguleki,” kusho uNksz Mdunge.