AKASAVUMELEKILE ukunyathela emagcekeni akwaTransnet uMnuz Siyabonga Gama obeyisikhulu senkampani emuva kokuxoshwa kwakhe yibhodi yayo ngeSonto.
INon-Executive Director yeTransnet, uNkk Mpho Letlape, ithe uGama ugcine emsebenzini ngoMsombuluko futhi ibhodi isamile esinqumweni sayo sokumxosha.
“Ibhodi inikeze uMnuz Gama isikhathi sokuthi eze nezizathu zokuthi kungani kungafanele axoshwe kodwa yena wahluleka. Iye yanquma ukuthi imxoshe. Ubegcina ukusebenza ngoMsombuluko. Ushilo ukuthi uzothatha izinyathelo zomthetho. Sibatshelile abameli bakhe ukuthi akukho esizokushintsha, akusekho okusihlanganisa naye,” kusho uNkk Letlape ekhuluma kwiMorning Live izolo.
Uthe izizathu eziholele ekuxoshweni kukaGama wukuthi ibhodi ibingasabuthembi ubuholi bakhe emuva kombiko weWerksmans Attorneys owathola ukuthi akulandelwanga umthetho ngesikhathi kuthengwa izitimela eziwu-1 064.
Kwavela ukuthi izitimela zabiza uR509 million owengeziwe ngesikhathi kushintshwa inkontileka eyayinikezwe iMitsui yaseJapan isinikwa inkampani yaseChina, zagcina seziwuR54 billion.
Uthe babelindele ukuthi uGama akhulume nabo ngo-Okthoba 15 ukuze bezwe ngaye ukuthi kungani engafanele ukuxoshwa kodwa wathalalisa.
“Ngokwenkontileka yakhe kufanele anikwe inothisi yezinyanga eziyisithupha kodwa asidingi ukuthi asebenze izinyanga eziyisithupha kunalokho sizomholela lezi zinyanga esekhaya ngoba sekuphelile okusihlanganise naye,” kusho uNkk Letlape.
Kuthiwa umholo wezinyanga eziyisithupha kaGama ungafika kuR3 million.
UNkk Letlape uthe awukho umthetho ophulwa yibhodi ngokuxosha uGama kodwa ilungisa isimo kule nkampani kahulumeni futhi bazoqinisekisa ukuthi isikhulu esiphezulu esilandelayo siyiphatha kahle imali, silandela imithetho yokuthengwa kwempahla nayo yonke imithetho okufanelwe ilandelwe yizinkampani ezinkulu.
Imizamo yokuthola uGama ukuthi aphawule kayiphumelelanga. Ucingo lwakhe beluthi akatholakali nomyalezo athunyelelwe wona kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engawuphendulanga.