UFUNA ubulungiswa umndeni womfana oneminyaka engu-15 waseWaterloo ngaseThekwini okuthiwa udutshulwe umnikazi webhizinisi eVerulam.
UNkosikhona “Mjiko” Hlongwa ( 15), obefunda uGrade 8 eWaterloo High, udutshulwe ngoMsombuluko.
Isolezwe lithole ukuthi lomfana ubedlala egcekeni lakubo, wabe esehamba nabanye abafana bendawo okuthiwa babeyotapa impahla ezitolo, babe sebedutshulwa umnikazi wesitolo, kwashona umufi.
Ubabekazi wakhe uNksz Zola Mncwango, ethintwa Isolezwe uthe badumele futhi bafuna ubulungiswa ngokwenzekile.
“Uphumile njengezingane zonke, wahlangana nengane ephethe ibhayisekili ivela eVerulam. Ngokuzwa base befuna ukuyowabheka nabo nezinye izingane endaweni. Nami angimbonanga ehamba. Sabona sebefika naye ekhaya edubulekile emqaleni nasesiswini. Ubengasakhulumi. Izingane abehamba nazo zisitshele ukuthi bathe besaqhamuka ngasezitolo, bavele badutshulwa umnikazi wesitolo ngesibhamu esikhulu. Umufi washaywa izinhlamvu ezimbili. Zamthatha zizama ukuhamba naye, bazama ukumisa izimoto. Bathola imoto yakamakhelwane. Bamqalisa ekhaya. Samyisa esibhedlela oSindisweni,wafika washonela khona,” kusho uNksz Mncwango.
Uthe bengumndeni bafuna incazelo ngokubulawa kwakhe.
“Siphatheke kabi kakhulu, amaphoyisa abengadubuli abantu. Bona labo somabhizinisi bebedubulelani bebhekise enganeni encane. Isibhamu esikhulu kangaka, kungani kungasetshenziswa izibhamu zezinhlamvu zenjoloba. Kubuhlungu kakhulu okwenzekayo,” kusho uNksz Mncwango.
Uthe alikho icala abazi ukuthi livuliwe kodwa basazoya emaphoyiseni.
“Angazi ngecala, ngisazoya emaphoyiseni ngilivule. Kwagcina kunesitatimende esathathwa esibhedlela lapho ashonela khona.
Kwenzeka lokhu nje uhulumeni izolo ntambama uveze ukuthi KwaZulu-Natal bangu 91 abashone ezigamekweni ezihambisana nokutatshwa kwezimpahla ezitolo.