USAZIWAYO obalwa nabantu abalwa ngempumelelo nomdlavuza, uXolani Gwala usenxuse uhulumeni ukuthi ulaphe umdlavuza njengoba wenza ekulapheni abanegciwane lengculazi, ukuze kwehle isibalo sabantu abashona ngenxa yawo.
UGwala onomdlavuza osulawulekile emuva kokuthola ukuthi unomdlavuza wamathumbu uthe: “Kufanele umdlavuza ulashwe njengoba kulashwa abanegciwane lengculazi.
Abantu bakhuthazwe ukuthi bahlole, bese behlolwa ngokushesha, uma sebehloliwe balashwe.
Uhulumeni ukwenzile lokhu ngegciwane lengculazi futhi kufanele ukwenze kumdlavuza,” kusho uGwala.
Uthe akakholwa ukuthi ngabe waphila ukube walinda isikhathi esibuye silindwe ngabanye abalashwa umdlavuza kwezinye izikhungo zezempilo zikahulumeni.
Uthe akalindanga ukuthi athole ukulashwa nge-chemotherapy futhi akalindanga ukuthi ahlinzwe konke kwenzeka ngesikhathi.
UGwala, ongumaskazi we-702 ubehambele umkhankaso kahulumeni wokuqwashisa ngomdlavuza obusezinkundleni zemidlalo KwaCaluza, eMgungundlovu uwuncomile umkhankaso kahulumeni. Kodwa uthe kubalulekile ukuthi kuqiniswe izinhlelo zokulashwa, ukuba khona kodokotela abelapha umdlavuza nokunye.
Ekhuluma naleli phephandaba ngokuphathwa umdlavuza uthe wayengazitsheli ukuthi ungamphatha. Uthe wayesiza abantu ababenomdlavuza ngaphambi kokuthola ukuthi unawo kodwa engazitsheli ukuthi ngelinye ilanga angaba ngomunye wabo.
Uthe ngesikhathi ethola ukuthi sesimhlasele wayengenalo ithemba.
“Into yokuqala engazibuza yona ukuthi ngiyokwazi yini ukumelana nawo (umdlavuza) nokuthi ngiyoke ngiwunqobe yini,” kusho uGwala.
Uthe umdlavuza wawuthola ususegabeni sesine okuyisigaba esinzima ngoba wawuqale emathunjini waze wangena nasesibindini.
Uchaze ubunzima abhekana nabo ngesikhathi elashwa ngohlelo lwe-chemotherapy, ehlinzwa izikhawu ezinhlanu emathunjini nasesibindini.
Unxuse nabantu ukuthi basheshe bakusukumele ukuhlolwa njengoba yena
kwaze kwadingeka alashwe nge-chemotherapy, aze ahlinzwe izikhawu ezinhlanu ukuphuza ukuhlola. Uthe umndeni wakhe waba wusizo kakhulu ngoba, umeseka ngaso sonke isikhathi.