SIZWE BLOSE
U MSAKAZI weNanda FM 88.4 uthi ungumntwana kaNkulunkulu osindisiwe ophinde afundise usontosikole okuyisona sizathu esimenza angabi nayo intombi.
UNqobani “Mr B” Khumalo (27) uzalwa endaweni yaseSigubudu, KwaNongoma wakhula eMatshamhlophe khona KwaNongoma.
“Ubaba uthe uma edlula emhlabeni umama wathandana noZihlakaniphele Nxumalo okunguyena ongikhulisile ngokubambisana nomama wami uMpume Mkhwanazi,” kusho uNqobani.
Uthe unesifiso sokwenza abazali bakhe baziqhenye ngaye yingakho ezimisele ngokuthi agcine esakaza emsakazweni omkhulu.
Uphase umatric eMhawu High eNgonyameni, eThekwini, ngo-2006.
“Ngokubona ukuthi isitifiketi sikaMatric sisodwa kasanele ngidlulele e-Icesa ngayofunda izifundo zeSound Engineering izinyanga eziyisithupha ngo-2008.
“Ngenxa yentshisekelo yokuthola imfundo ezongihlomisa ngamakhono adingeka endimeni yokusakaza ngibe sengingena eCreative Arts College lapho ngethole isitifiketi seRadio Production ngo-2013,” kulandisa uNqobani.
Uthe uqale ngokubamba amatoho ngo-2007 enkampanini eyenza izihlalo zezimoto agcine esula kuyona ngenxa yothando lokusakaza.
Uthe uNkulunkulu emuhle wathola iLearnership yakwaMICSETA nokuyiyona eyamkhokhela eCreative Arts College.
UNqobani wafaka isicelo somsebenzi eVibe 94.7 FM ngenhlanhla bamthatha kodwa ebambela abasakazi ababengekho, lokhu kwamenza ukuthi abheke nakwezinye izindawo, wagcina esengene kwiKasi FM eseGoli lapho ethi wafunda okuningi ngomsakazo.
Njengamanje usebenzela umsakazo okhula ngamandla Inanda FM wenza uhlelo olubizwa nge Kasi Flavour engena ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu phakathi kwamabili 12 kuya ku-3 ekuseni, ngoMgqibelo wenza uhlelo lukamaskandi noNhloso “Xamu kaVinjelwa” Zulu ohlelweni olubizwa ngokuthi e Zivus’usinga phakathi kuka-10 ekuseni no-1 ntambama.
Uveze ukuthi usanda kuwina indondo yeBest Presenter ayiwine emncintiswaneni, iNtandoyesizwe Awards ebihlelwe iyona Inanda FM.
Uthe ugqugquzelwa nguKhathide “Tshatha” Ngobe noKhetha Gwala kanti uzibona maduze nje esesebenzela wona lo msakazo abawusebenzelayo, Ukhozi FM.