USEDEDELIWE ejele umshayeli weloli yesiphihli sengozi yaseFields Hill, ePinetown uSanele May, owaba sematheni ngonyaka ka-2013 emuva kokufa kwabantu abangu 24. UMay odabuka eSwatini, ubedonsa isgwebo seminyaka engu-8 ngecala lokubulala ngokungenhloso. Umsunguli wekhasi leFacebook, eleseka uMay, uNkk Peace Piche umemezele ukuthi lo mshayeli udedeliwe ejele laseMzinto lapho aqedele khona isgwebo.
''Kuyiqiniso ukuthi uSanele May uphumile ejele. Kade silulindile usuku lokuphuma kwakhe futhi asinawo namazwi esingawasho ngendlela esijabule ngayo," kusho uPiche kubalandeli bekhasi abangu-13 000.
Ubonge bonke ababebeka uMay emthandazweni ngesikhathi kunzima. Uthe ngesikhathi uMay eboshiwe ubehlala evakashelwa ngisho abantu angabazi beyomeseka ejele. Akacacisanga maqondana nezinhlelo uMay anazo ngempilo yakhe njengoba esephumile ejele.
Ngo-2017 umnikzi weloli uMnuz Gregory Govendor wawavuma amacala ayebekwe wona ngale ngozi, wakhethiswa phakathi kokudonsa iminyaka emibili ejele noma ukukhokha uR25 000. Ngesikhathi Isolezwe lithinta uPiche ngalesi sinqumo waveza ukuthi uMay uzwakalise ukuphoxeka ngesigwebo esatholwa nguGovendor.
Ngesikhathi kuqhubeka icala uMay wayemile ekutheni iloli yaphelelwa amabhuleki.