NOKUBONGWA PHENYANE
‘N GISAFUNA ukushada ngibe nezinye izingane ngithole uthando ngitha-ndwe nami ngoba umuntu obezo-ngenzela konke lokhu akasekho”.
Lawa ngamazwi ashiwo umculi we-Afro Pop, uKelly Khumalo osanda kushiywa isoka lakhe ebelingunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana uSenzo Meyiwa owadutshulwa ngo-Okthoba. Engxogxweni ekhethekile akade enayo ohlelweni olukhiphela osaziwayo esitikini i Real Gobhoza, ekhonjiswa kuSABC 1, uKelly uthe umndeni wakhe yinto asayidinga.
“Konke kwenzekile empilweni yami, unyaka ka-2013 nalona esizowuphetha ngeke ngikukhohlwe. Ziningi izinto ezibuhlungu ezingehlakalele abantu bangigxeka ngapha nangapha kodwa ke uNkulunkulu kukhona abantu abakhethayo ukuthi babhekane nobunzima obuthize ukuze abone ukuthi baqine kanjani okholweni. Nami ngiyethemba ngingomunye wabo,” kusho uKelly.
Uthe uzwile kukhulunywa ngokuningi okwenzeka ngosuku okwadutshulwa ngalo uMeyiwa, wathi ukuba kuya ngaye ngabe uyabatshela abantu kodwa njengoba kusaqhubeka uphenyo ngeke asho lutho.
“USenzo wayengavikeli mina ngela-nga ashona ngalo njengoba kushiwo. Kusaqhubeka uphenyo akukho engizokusho,” kuchaza uKelly.
Ube esecacisa ukuthi ngesikhathi eboshelwa ukushaya unkosikazi kaSenzo, uMandisa ngonyaka odlule kwakungeyena owamsukela. “Nganginezinyanga ezimbili vo ngikhulelwe ngihamba nodadewethu ngesikhathi umuntu wesifazane esishayelisa kabi nokwaphoqa ukuthi size siphumele ngaphandle,” kusho uKelly.
Ngesikhathi ephuma uthe wayesevele ethukuthele nokwaphoqa ukuthi avele amgibele ngenduku uMandisa. UKelly akabange esacacisa ukuthi wayemazi yini uMandisa noma cha. Okunye akuvezile ukuthi wake wacwila ezidakami-zweni ayefakwe kuzo umuntu ayesondelene naye.