UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa kuleli uMnuz Bheki Cele uthi ubuyindlela yokuzama ukugwema ingozi umhlangano wakhe wayizolo nalowo owayengumengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma, eNkandla.
Ungqongqoshe uveze lokhu ngesikhathi ephendula imibuzo kulandela ukwethula izibalo zakamuva zobugebengu kuleli esithangamini sabezindaba ebisesimahhovisi eGCIS, ePitoli ngoLwesihlanu.
UCele uhlale cishe imini yonke noZuma emzini wakhe eNkandla emhlanganweni obusematheni kwazise kusanda kuvakasha umholi we-EFF khona, uMnuz Julius Malema futhi kusalindwe nesinqumo senkantolo yoMthethosisekelo odabeni lukaZuma nekhomishini kaZondo. UCele uqale ngokucacisa ukuthi njengelungu le-ANC, ubekhuluma noZuma emele le nhlangano ngokunjalo nesikhundla sakhe kuhulumeni.
“BengiseNkandla izolo kodwa angiliphuzanga itiye, ngiphuze amanzi...bengenzani khona? Kuningi esikhulume ngakho kodwa ngithathe amanqampunqampu enkulumo yethu ngabikela uMengameli nonobhala jikelele we-ANC. Phakathi kwezinto esikhulume ngazo ngingabala izinto ezenzeke muva nje kodwa obekubalulekile ukuthi ngibuye nombiko,” usho kanje.
UCele ukuchithile ukuthi kukhona isinqumo esesithathiwe ngokuboshwa kukaZuma njengoba ngeledlule usihlalo wekhomishini ephenya ngokulawulwa koMbuso yidlanzana uJaji Raymond Zondo ememezela ukuthi uzothathelwa izinyathelo zomthetho ngokunqaba ukuvela kwikhomishini.
Uqhube waveza ukuthi akukhona okokuqala amaphoyisa noma uNgqongqoshe wamaPhoyisa evakashela umuntu noma abantu ukuze kugwemeke isimo esingaba yingozi.
“Ziningi izikhathi lapho esiba nemihlangano khona nomuntu uma sikholwa wukuthi kukhona esingakwenza ukugwema isimo esithile ngaphambi kokuthi sibe yinhlekelele, uma kuzoba yinhlekelele. SisaneMarikana abantu abakholwa wukuthi kuningi okwakungenziwa ukugwema okwenzeka,” kusho uCele.