UQALE umkhankaso wokuthuthukisa abesifazane basemakhaya ngolwazi lokucutshungulwa kwamabhuku.
UNksz Millycent Mashele ongusomabhizinisi ogxile ekucutshungulweni kwamabhuku ongumsunguli weThe Legacy Centre okuyinkampani ecwaninga amabhuku, uthe akazange ayikhethe i-Accounting, iyona eyakhetha yena.
Lokhu ukushiso ukuthi uthi ngesikhathi efaka isicelo sokufunda enyuvesi i-Accounting yayiwumkhakha wesithathu ayewukhethile ukuthi awufundele kodwa waphendulwa kuwo.
Le ntokazi ike yasebenza ehhovisi lomcwaningi mabhuku jikekelele wakuleli, eMnyangweni wezeziMali eGauteng nakwaMTN, ithe iyakholelwa kakhulu ekutheni abantu besifazane kumele bathuthukiswe njengoba isiqalile emphakathini wangakubo ithuthukisa abesifazane ngaphansi kohlelo iWansati Projects okusho ukuthi owesifazane ngesiTsonga.
Lolu hlelo lwenzelwe ukuthuthukisa abantu besifazane basemakhaya nasemalokishini ukuze bagweme izinkinga abangaba nazo ngesikhathi beqala amabhizinisi abo.
Ngalolu hlelo umuntu wesifazane uthola umuntu ozomcathulisa ngolwazi lokucwaningwa kwamabhuku nokusetshenziswa kwemali ebhizinisini nolunye ulwazi oluzomsiza ukuthi akwazi ukuzimele ngokuphelele emkhakheni webhizinisi alikhethile uma esephumile kulolu hlelo.
Uthe ngaphandle kokusiza abesifazane basemakhaya uphinde asize abantu besifazane abakuwo lo mkhakha abafuna ukuziqalela izinkampani zabo zokucwaninga amabhuku.
“Amasu engiwasebenzisayo okukhula ebhizinisini asiza abanye abangena kulo mkhakha ukuze nabo baphumelele,” kusho yena.
Uthe uthando lokunakelela abanye abantu walufundiswa unina owayedayisa ezitaladini owakhulisa izingane eziyisishiyagalolunye ezazihlala ezitaladini ezinakekela ngokudla enza neziqiniseko sokuthi ziyakwazi ukuya ezikoleni.
“Abantu besifazane abafana nomama bayangikhuthaza uma ngibheka ukuthi babengenako okuningi kodwa kulokho abanakho babekwazi ukwabelana ngakho nabanye abantu. Umama wayengabanga nayo inhlanhla yokufunda kakhulu kodwa wakwazi ukuziqalela ibhizinisi,” kusho yena.
UNksz Mashele uthe iphupho lakhe elikhulu elokuthi asungule inkampani enkululazi ecwaninga amabhuku kuleli nase-Africa.
“Ngifisa nokuvula isikole esizofundisa ngamabhizinisi kakhulukazi ukuba sesikhundleni sokuphatha, ukulawulwa kwebhizinsisi kanjalo nokuthi yini oyenzayo usuku nosuku uma ususebhizinisini. Ngiyakholwa ukuthi uma unalolo lwazi ibhizinisi lakho lingakhula ngendlela efanele,” kusho yena.
Uthe ugqugquzelwe ukuthi lapho ehlala khona abantu besifazane kusenemikhakha okukholakala ukuthi ngeke bakwazi ukungena kuyo. Uma bengenile kuyo kukholakala ukuthi ngeke benze kahle.
“Ngeshwa ezweni lethu ayikho imali yokuxhasa abantu absasungula amabhizinisi. Kudingeka ukuthi usebenze kanzima, uphokophele. Ngesikhathi ngiqala akubanga lula ngazitshela ukuthi ngizoqala kancane ngikhule kancane kancane,” kusho uNksz Mashele.