KUSOLWA ingxabano esuswe uR100 njengembangela eholele ekutheni ibhungu ligwaze libulale uyise emijondolo yaseBottlebrush, eChatsworth.
Ibhungu elineminyaka engu-19, kuthiwa ligwaze uyise inxeba elilodwa emqaleni washona ngoMgqibelo ebusuku.
Kuthiwa leli bhungu, ebelidle amanzi amponjwana, licele uyise aliphe imali, nobe eselinika uR100 eliwuthathe lawudabula okuyisenzo esithukuthelise uyise.
Unina kamsolwa ocele ukuba kugodlwe igama lakhe, uthe umufi ubuze indodana yakhe ukuthi kungani imfune imali bese iyayidabula, yaphendula ngokuthi pho uzokwenzani?
“Nobaba ubuze indodana ukuthi yona izokwenzani? Izinto zenzeka ngokushesha, konke kuphuthuma, angibonanga kahle. Ingane yahluthuka uma eyiphusha ubaba,” kusho unina kamsolwa.
Umndeni kamufi uthi kube sekuqala ingxabano phakathi kukamufi nomsolwa ephethe ngokuthi indodana ihoshe ummese eshalofini lekhabethe ekhishini, yagwaza uyise inxeba elilodwa emqaleni maqede yaphuma yabaleka.
Kuthiwa umsolwa ubuye nemoto ebizothatha uyise ukuze imphuthumise esibhedlela kodwa yafika emva kwendaba.
Umsolwa ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngeSonto kanti bekulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi eChatsworth ngecala lokubulala, izolo.
Unina kamsolwa ubona ukuthi indodana yakhe igajwe intukuthelo yesikhashana yabe isibulala uyise, okuyisenzo asigxekile, wathi sisamthukuthelisa namanje.
“Angiwazi lo moya omubi kaSathane ovele wahlasela lapha ekhaya ngoba ayithathanga nemizuzu emihlanu le ngxabano. Siphucwe isinkwa emlonyeni futhi siphucwa ilungu lomndeni. Umntwana ubengumuntu obehlonipha, ezithobile futhi engesona isixhwanguxhwangu. Asimvuni ingakho eboshiwe nje,” kusho unina kamsolwa.
Umndeni ucele ukuthi angadalulwa amagama kamsolwa nomufi ephephandabeni, ukhala ngokuthi hleze kube khona abangagcina lolu daba balusebenzisele ukudala uqhekeko emndenini esikhathini esizayo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe kusolakala ukuthi ingxabano ebiphakathi kwendodana noyise kubangwa imali eholele ekutheni indodana igwaze uyise.
UCol Mbele ukuqinisekisile ukuthi umsolwa uboshwe ngeSonto amaphoyisa aseChatsworth, wabekwa icala lokubulala.