FANELESIBONGE BENGU
UYONANDISA e-United Kingdom umculi we-kwaito osahamba inkantolo ngecala lokudlwengula intombazane eneminyaka engu-16 ngo-2013.
UBrickz wodumo lwezingoma okubalwa kuzo ethi Sweety Ma Baby nethi Tjovitjo utshele Isolezwe ukuthi uzolibhekisa e-United Kingdom ngoLwesithathu.
Ekhasini lakhe leTwitter ubhale ukuthi useyitholile iVisa okuyimvume emgunyaza ukuthi angene e-UK.
Ufake isithombe esikhombisa ukuthi uyonandisa ezindaweni ezimbili okuyiseSound House eBolton ngoLwesihlanu nasePalms Bar eCoventry ngoMgqibelo.
“NgoLwesithathu ngiyahamba. Okwesibili manje ngiya khona,” kusho uBrickz ngamafuphi washeshe waluvala ucingo.
UBrickz unengoma entsha ayenze noMandla Spikiri ethi Kwaito Revolution.
UBrickz uzobe engaqali ukuyonandisa ngaphandle kwakuleli selokho abekwa icala lokudlwengula.
Ngokwe-www.gossipgirlsa.co.za uke wayonandisa eZimbabwe ngoDisemba nyakenye lokhu okusho ukuthi imibandela yebheyili yakhe ka-R50 000 iyamvumela ukuthi ahambe.
Icala likaBrickz liqale ukuqulwa eNkantolo yeMantshi eRoodepoort ngenyanga edlule. kuthiwa ngesikhathi intombazane okuthiwa wayidlwengula isithula ubufakazi yavele yakhala.
Icala lizobuyela enkantolo ngo ngoJuni 3 nangoJuni 4.