BAFUNA abhadle ejele owesifazane waseFranklini, eKokstad okuthiwa ubhunyele umyeni wakhe oyiphoyisa ngophethroli kwathungeleka ngomlilo indlu yabo ngemuva kokuthola ukuthi ubeshela umakhelwane wabo kuFacebook.
UConstable Zukisani Bungane (34) obesebenzela esiteshini samaphoyisa iSani Pass kuthiwa ushonele esibhedlela iSt. Annes eMgungundlovu ngoLwesine ngemuva kokusha kanzima, ngoLwesibili.
Inkosikazi yakhe uNkk Zandile Bungane (32) nezingane zabo ezimbili eneminyaka eyisishiyagalolunye nenezinyanga eziwu-17 kuthiwa basesimeni esibucayi esibhedlela ngemuva kokushela endlini.
Udadewabo kamufi, uNksz Anele Pongoma (29), uthe ushayelwe ucingo nguNkk Bhungane ngoMsombuluko emtshela ukuthi umfowabo ushela umakhelwane wabo.
“Wathi kunomakhelwane omthumelele i-screenshot somyalezo awuthunyelelwa ubhuti wami emshela kuFacebook. Ngathi akehlise umoya, umkhuba wamadoda vele ukushela. Ngaze ngamenzela isibonelo sokuthi indoda iyakwazi ngisho ukushela udadewenu,” kusho uNksz Pongoma.
Uthe wethuka ngoLwesibili esethola umbiko wokuthi umuzi kamfowabo uyasha, nabantu abebephakathi bashile.
Umufi uthe bamthola nezingane sebengaphandle kwendlu beshile ezandleni nasemzimbeni.
“UZandile wafika endlini wathela ubhuti ngophethroli. Ubhuti wasikhahlela isigubhu sawela endaweni yokubasa umlilo, eyayivutha. Kwagqamuka umlilo indlu yasha nabo bephakathi.
“Ubhuti ukwazile ukuphuma kodwa wakhumbula izingane phakathi wabuyela ukuyozihlenga. Wabuye wakhipha naye uZandile owakwazi ukugaqa aze ayofika emgwaqweni acele usizo,” kusho uNksz Pongoma.
Uqhube wathi baphuthunyiswa esibhedlela lapho umfowabo efike washonela khona. Ukhale ngesihluku sikaNkk Bungane athi ubengamshiyi ngani umfowabo uma ecasulwa isenzo sakhe kunokuthi ambulale ngalolu hlobo.
Uthe ubengakaze amcabangele uNkk Bungane into efana nalena, ubezitshela ukuthi ujabule emshadweni wakhe njengoba ubengasebenzi enzelwa yonke into umufi. Kumanje uthe baphithene amakhanda njengoba izingane zishelwe yikhaya nezingubo zokugqoka.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant-Colonel Thulani Zwane ukuqinisekile ukuthi amaphoyisa aseFranklin aphenya amacala amathathu okuzama ukubulala nelokushisa umuzi.
“Amaphoyisa awutholile umbiko wokushona komyeni womsolwa kodwa asazoya esibhedlela ukuyoqinisekisa.”