UMSAKAZI wezemidlalo kwiPower FM obengumngani omkhulu kaMandoza, uThabiso Mosia, udalule ukuthi umngani wakhe udlule enza amalungiselelo okushaya iculo nomrepha uKwesta noCassper Nyovest. UThabiso uveze lokhu ekhuluma izolo enkonzweni yesikhumbuzo kaMandoza eStandard Bank Arena, e-Ellis Park, eGoli.
“UMandoza udlule emhlabeni eqhubeka esebenza. Kuneculo lakhe lokugcina alikhiphile elithi Ase Mang Le Mang.
“Ngigcina ukukhuluma naye ngalo wayefuna ukulenza kabusha noKwesta noCassper ababona njengamaciko enza umsebenzi omuhle emculweni. Ngiyathemba-ke lapho akhona lawa maciko angizwile, alifeze iphupha likaMandoza,” usho kanje.
UCassper noKwesta basematheni kulezi zinsuku emuva kokukhumbuza abantu izinsuku zeKwaito yakudala ngeculo labo iNgudu.
Enkonzweni yesikhumbuzo bebephume ngobuningi babo abaculi beKwaito okubalwa kubo uKabelo Mabalane obephethe uhlelo, uTokollo, Brickz, Mapaputsi, Mshoza nabanye abaningi. Kule nkonzo uMandoza ushayelwe ihlombe kakhulu ngokuphakamisa indawo akhulele kuyo iZola, bethi wafaka ithemba entsheni eningi ukuthi nayo ingaphumelela. Owaba yimenenja yakhe yokuqala esangena endimeni, uVusi Leeuw, uthe lokhu kwaba yimpumelelo ngenxa yomculo wakhe abenza ngezibomu ukuthi kube ngowakhayo.
“Sasihlele ukuthi umculo wakhe kube yilowo ozonyusa ithemba kubantu baseZola, abe yiqhawe labo. Sibona ukuthi saphumelela kuyo uma sibuka ukuthi mangaki manje amaciko aphuma eZola,” kushoa uLeew.
Ekhuluma ngoMandoza uTokollo uthe uyakhumbula ingxoxo yabo yokugcina wayekhala ngezinhlungu ekhanda emcela ukuthi amazise ukuthi kubuhlungu kangakanani ukuhlinzwa ekhanda njengoba kuyinto aseke adlula kuyo.
“Wangibuza ngodokotela wami owangiphatha kahle kakhulu ngenkathi ngilimale engozini yemoto. Noma kuyizinto ezingafani kodwa lokho kwangikhombisa ukuthi usenethemba,” kusho uTokollo.
Lo mculi uphethe ngokudlulisa umyalezo wokuthi njengamaciko amadala eKwaito abawuboni lo mculo ufile, kunalokho usekhona nanamhlanje kodwa usuhlukile kancane.
UMandoza uzofihlwa kusasa.