UFUNA ukuguqula impilo yabantu ikakhulukazi intsha esilahle ithemba owesifazane oneminyaka engu-23 ongenele ukuba yikhansela ku-ward 72 eChartsworth, eThekwini.
UNksz Phakama Mthiyane weqembu lezepolitiki i-African Transformation Movement (ATM), uthe esafunda ubefisa kakhulu ukuthi uma esekhulile abe ngumsakazi kamaskandi ngenxa yothando olujulile analo ngalolu hlobo lomculo.
Kodwa uthi ngokuhamba kwesikhathi ebuka nempilo ebuye ibe nzima kakhulu ephilwa ngabantu abasha, ugcine eseqala eba nothando olujulile lokuthi angene kwezepolitiki.
“Ngenxa yokuthi bengazi kahle kamhlophe ukuthi konke okwenzeka eNingizimu Afrika kuwumphumela wepolitiki, ngabe sengifinyelela kwisinqumo sokuthi ngizihlanganise nepolitiki ukuze ngibe nesandla ekuguqulweni kwempilo yentsha,” usho kanje.
Uthe njengamanje uziphilisa ngekhono lakhe lokuthunga. Uthe uma kwenzeka enqoba ufuna ukusebenzisa umholo wakhe ukuphucula impilo yentsha ikakhulukazi amantombazane asakhula.
“Umholo wami uma nginganqoba ngingathanda ukuthi ngiwusebenzisele ukuthi kube khona okukhulu okwenzayo ukuze kuthuthukiswe impilo yaentsha. Ayikho into esenhliziyweni yami edlula ukubona intsha iphila impilo engcono,’’ usho kanje.
Uthe intsha ibhekene nenselelo yokukhulelwa kwamantombazane esemancane, ukusetshenziswa kwezidakamizwa nokungasebenzi.
Uthe okunye azokwenza uma enqoba ukubuyisa ukuzethemba kulabo bantu abasha asebedikibele ngenxa yezimo ezinzima abadlule kuzona empilweni yabo.
“Ukungena kwami kwipoltiki ngingathi nje kumayelana nokubaluleka kokushintshwa kwempilo yabantu,’’ usho kanjena.
Ukukhula kwakhe kanzima uthe yikhona okumenza ukuthi akukhuthalele kakhulu ukufaka igxalaba ngenhloso yokusiza intsha. Uveze ukuthi ngokuzalwa ungowaseMtshezi ukhuliswe ngumngani kanina.
Uqale isikole eMzimkhulu, wadlulela eMtshezi wabe eseyofunda eThekwini Tvet College nase-University of KwaZulu-Natal. Uthi wesekwa kakhulu abamnyama abahlala emalokishini akhele iChatsworth.