OWAYEYIMEYA yaseMsinga, uMnuz Mlethi Ndlovu owamiswa esikhundleni sokuba yimeya emva kokuyamaniswa wuzakwabo nokubulala elinye ikhansela, uselufake kubameli olokudicilelwa phansi kwesikhundla sakhe nguzakwabo oyikhansela laseMsinga.
Ummeli kaNdlovu, uKunene weKunene Attorneys eMgungundlovu, uthe sebefake enkantolo incwadi yamademeshe ukugeza igama likaNdlovu ngokuhlanjalazwa esidlangaleni kuthiwe ubulele.
“Ngokudicilelwa phansi kwesithunzi sikaNdlovu, sifuna owamhlambalaza ageze igama lakhe ngo-R6.5 million. Sesiyifakile incwadi enkantolo efuna amademeshe ngokuhlanjalazwa kwakhe esidlangaleni.
“Sesilinde ukuzwa kuSheriff wasenkantolo ukuthi usemthumelele yini uMnuz Lungisani Ntuli le ncwadi.
“Unikwe izinsuku ezingu-30 emva kokuyithola ukuthi akhokhe le mali. Uma engazimisele kuzophoqa ukuthi siye enkantolo siyoluqedela khona udaba,” kusho ummeli uKunene.
UNdlovu ubopha uNtuli ngezinsolo ezenziwa yilo zakwabo zokuthi uyena owabulala ikhansela uMnuz Siyanda Magubane owayehamba noNtuli ngelanga lesigameko sokudutshulwa kwakhe.
UNtuli wakhuluma enkonzweni yomngcwabo kaMagubane ngo-2022 lapho atshela khona izinkumbi zabantu ukuthi wazibonela ngawakhe uNdlovu eqeda ukubadubula.
Lolu daba lwaba ngundabamlonyeni kwaze kwaphoqeleka ukuthi i-IFP imise uNdlovu esikhundleni sokuba yimeya kuze kube kuphothulwa uphenyo.
Emva kwalesi sigameko kwaphinde kwaboshwa uNdlovu etholwa nezibhamu, okwaba yinto eyayamaniswa nesigameko sokushona kukaMagubane.
Echaza uNdlovu ngalesi sigameko uthe yena akakaze aboshelwe ukubulala uMagubane ngoba umsulwa kulokho.
“Amaphoyisa angiphenya akukho okwangihlanganisa nalesi sigameko. Engangiboshelwe kona ukutholakala nezibhamu okwabe sekwenziwa uphenyo ukuthi kungani zikumina.
“Nakhona kugcine kutholakele ukuthi kwakuyizibhamu zomsebenzi, akukho okwakushayisa amakhala ngazo. Kumanje lelo cala seliphelile futhi ngitholakale ngimsulwa kulona,”’ kusho uNdlovu.
Ngokuboshwa kukaNtuli uthe akukho okuningi azokuphawula ngoba udaba lukubameli.
Uveze ukuthi noma kunjalo akanankinga noNtuli futhi bayabingelelana ngisho behlangana kumasipala njengoba besaqhubeka nokusebenza njengamakhansela e-IFP.
Uthe naye usaqhuba umsebenzi wakhe njengekhansela leWard yakhe futhi usenguyena uSihlalo we-IFP wesiFunda uMzinyathi. UMagubane owadutshulwa naye wayeyikhansela le-IFP eMsinga.