UNGQONGQOSHE wezeMfundo eGauteng, uMnuz Panyaza Lesufi, uthe umnyango uzovala isikole somdanso sengqalabutho uTebogo Kgobokoe ngemuva kokuqubuka kwamahlebezi okuxhashazwa kwabafundi ngocansi.
Isinyathelo sikaLesufi silandela ukuvela kombiko wohlelo lwethelevishini, iCarte Blance, lapho ezinye izingane zidalule amanyala okunukubezwa ngokocansi futhi ziphoqelelwa ukuba ziye ocansini nozakwabo besilisa.
Kula manyala kusolwa udadewabo kaKgobokoe nomlamu wakhe nangotoboza abanye abafundi ngendlela engamukelekile.
Ekhuluma kwiRadio 702 izolo ekuseni, uLesufi uthe iTebogo Kgobokoe Arts Academy kuzophela ngayo njengoba izikhulu zomnyango wakhe ziphikelele eCenturion lapho ziyovala khona lesi sikole.
Uthe bathathe isinqumo sokusivala ngemuva kokuzwa ngalezi zinsolo kwiCarte Blanche.
“Ngeke sisaba khona lesi sikole. Ngiyamhlonipha uTebogo ngokusungula lesi sikole. Kodwa lezi zinsolo zimbi kakhulu. Sizwelana nabagilwa, kuze kuvele ubufakazi obusha obuphikisayo.”
Iphephandaba elinguzakwabo weSolezwe ngoMgqibelo, iThe Star, lixhumanile nalesi sikole ukuzwa uvo lukaKgobokoe kodwa owesifazane ozibize ngoNksz Ati uthe akekho uKgobokoe.
“UNksz Tebogo usemhlanganweni nabaluleki bakhe bezomthetho,” kusho owesifazane ocele ukuba iThe Star imthumele imibuzo.
Engxoxweni ekhethekile yeCarte Blanche, amanye amantombazane athe umlamu kaKgobokoe wawatshela besenkambini ngolunye usuku ukuthi bazodlala omunye umdlalo.
Lowo mdlalo uzobandakanya abafana abazobopha amantombazane izandla ngemuva bese bebavala amehlo. Amantombazane athe kwacishwa ugesi ezwa kunabantu abawatoboza noma yikuphi, ngisho nasebuntwini bawo futhi eqatshulwa.
Enye intombazane ithe udadewabo kaKgobokoe wayikhuthaza ukuba inikele ngobuntombi bayo komunye umfana.
Ngokusho kwentombazane, umfana wathi kuyo ingaphatheka kanjani uma eyiphuca ubuntombi bayo. Wabe eselala nayo.
“Kwenzeka. Akangiphoqanga. Kwenzeka ngoba ngilandela umyalelo kadadewabo kaKgobokoe, owathi angenze.”
Amantombazane abuye adalula ukuthi ayechitha isikhathi lapho kuhlala khona udadewabo kaKgobokoe alaliswa khona nabafana ukuze bazitike ngocansi.
Omunye wamantombazane uthe weqiwa yizinsuku futhi waqala waphalaza, wabe esetshela ngudadewabo kaKgobokoe, owamcebisa ukuba akhiphe isisu ngamaphilisi.