INKANTOLO eNkulu eMgungundlovu isichithe isicelo sikaNdlunkulu weSilo esisanda kukhothama, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, uSibongile Dlamini Zulu. Isicelo bekungesokuchibiyela amaphepha awafake enkantolo lapho efuna umshado wakhe ukuthi uthathwe njengokuphela kwawo umshado kaMdlokombane osemthethweni.
Undlunkulu ubefake isicelo sokuchibiyela amaphepha asenkantolo emva kokuba inkantolo ichithe isicelo sakhe sokuba imishado yabanye ondlunkulu bakaMdlokombane ithathwe njengengekho emthethweni.
Inkantolo ibikhale ngokuthi emaphepheni afakwe ngundlunkulu akukho lapho ekhuluma ngokuthi kufanele ihlakazwe imishado yabanye odlunkulu abahlanu beSilo.
IJaji uIsaac Madondo, lisichithile isicelo ngoLwesithathu ekuseni.
UMadondo ukhale ngokuthi isicelo sikandlunkulu sifakwe isikhathi sesihambile, wathi lokhu akuzukunikeza ezinye izinhlangothi ithuba elanele ukuba ziziphendulele.
UMadondo uthe undlunkulu ubekade enesikhathi esanele sokuchibiyela amaphepha kusukela afakwa enkantolo ngoJuni kodwa wangakwenza lokho.
Inkantolo iyaqhubeka nokulalela izethulo zikandlunkulu, ofuna ukuthola uhhafu wamafa kaMdlokombane.