ISIBALO sabantu abatheleleka ngeCovid-19 sehle ngo-50% KwaZulu-Natal, emasontweni amabili edlule.
Lokhu kudalulwe izolo nguNdunankulu wesifundazwe uMnuz Sihle Zikalala, ngesikhathi ethula umbiko wakamuva ngeCovid-19.
UZikalala uthe ngesonto eledlule abantu abasha abahaqwe yigciwane babengu-1 026, esontweni elingaphambi kwalo babengu-2 035. Wathi izifunda ezinezibalo ezehle kakhulu iLembe, uThukela neZululand.
"Lezi zifunda phambilini bezinezibalo zabahaqwa yileli gciwane abangaphezulu kuka-60%," kusho uNdunankulu.
Uthe izibalo zakamuva ezikhishwe ngoLwesibili zikhomba ukuthi iziguli ezilaliswe ezibhedlela ngenxa yegciwane zingu-764, kuzo ezingu-514 zilaliswe ezibhedlela ezizimele, ezingu-250 zilaliswe kwezikahulumeni.
" Zingu-119 iziguli ezilaliswe emagunjini abadinga ukunakekelwa okuphuthumayo ezibhedlela ezizimele, kwezikahulumeni ezikula magumbi zingu-11. Siyajabula ukuthi izibalo zabahaqekile ziyehla nsuku zonke. Phambilini besifika kulezi zithangami sishaywa uvalo ngoba izinombolo bezilokhu zikhula kakhulu. Izibalo zakamuva zikhomba ukuthi uyedwa umuntu obulewe yileli gciwane kulesi sifundazwe," kushouZikalala.
Sebebonke ababulawe yigciwane esifundazweni bangu-14 704, kanti u35% wabashonile ngabaseThekwini, u2% wabo ushonele emakhaya.
"Nakuba sehlile isibalo sabantu abahaqwa yileli gciwane kumele singakhohlwa ukuthi lisekhona futhi lisabulala. Uma siya kovota kumele sigweme ukuba yizixuku ngoba lokhu kungenza ukuthi sithelelane ngobuningi. Lokho kungaholela ekutheni isiwombe sesine okukhulunywa ngaso, sisheshe sifike," kuxwayisa uZikalala.
Uzwakalise ukuphoxeka ngesibalo esiphansi sabantu abagomele igciwane KwaZulu-Natal.
" Abantu abagomile bangaphansi kancane kuka-2 million (29%) ekubeni thina sizibekele ukuthi ekupheleni konyaka sibe sesigome abantu abangu-7 million. Kuyishwa ukuthi nakuba ososayensi sebezame ngakho konke ukufundisa abantu, ngezinto eziyiqiniso ngemigomo kodwa bona basalokhu beqhubeka nokulalela izinto ezingelona iqiniso ezikhulunywayo," kusho uZikalala.
Uthe uhulumeni wenza okusemandleni ukuthi izindawo zokugoma zibe seduze nabantu.