UHLANGOTHI oluhambisana nePhini likaMengameli we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa lukhathazekile ngokuthi kungase kube nokukhwabanisa ukuze kuqunjwe phansi lo mholi engqungqutheleni yokukhetha ubuholi eNasrec, eGoli. Zombili izinhlangothi nolukaDkt Nkosazana Dlamini Zuma okuyimbangi kaRamaphosa sezimi ngomumo.
USotswebhu wenhlangano ePhalamende uMnuz Jackson Mthembu uveze ukukhathazeka kwakhe kuTwitter ngemizamo yokukhwabanisa emihlanganweni yamagatsha.
“Miningi imizamo yokufaka izithunywa eziyizipoki lapho obekufanele kuhlale khona imihlangano yamagatsha yagcina ngokubhuntsha. Bekunemizamo yokufaka abanye abantu esikhundleni salabo abeseka uRamaphosa, amagatsha azame ngayo yonke indlela ukulwa nalo mkhuba,” kusho uMthembu ngemiyalezo kaTwitter eminingi.
Izibalo ezicacile ngezithunywa ezizovotela lezi zimbangi, zizocaca kahle uma sekucwaningiwe engqungqutheleni.
UNobhala we-ANC eWestern Cape, uMnuz Faize Jacobs uthe ukucwaningwa kwezithunywa kubalululekile kakhulu. UJacobs nabanye abaholi esifundazweni sakhe bamthwele ngeqoma uRamaphosa njengoba ephakanyiswe ngamavoti angu-121 ehlula imbangi yakhe ethole angu-13.
“Silindele noma yini ngoba siyazi ukuthi izimbangi zethu ngeke zivume ukulala zingendlalelwe kalula kanjalo nje.
“Zizozama konke okusemandleni ukunqoba, silindele wonke amaqhinga angcolile azokwenziwa. Uma izibalo zabo zingahlangani bazophazamisa ingqungquthela, siyakwazi konke lokho,” kusho uJacobs.
Elinye ilungu lokuqina emkhankasweni kaRamaphosa lithe azobe ebhekwe ngabomvu amaqhinga angcolile engqungqutheleni.
“Ihhovisi likaNobhala Jikelele uGwede Mantashe lizobe liqaphile konke okwenzekayo ngoba siyazi ukuthi bazozama ukunyonyobisa izithunywa,” kusho lesi sishabasheki.
Imizamo yokuthola uMantashe noMthembu ayiphumelelanga njengoba bebengayiphenduli imiyalezo.