UMKHANDLU wenkosi yaseNquthu esizweni sakwaMdlalose usushaye umthetho omusha wokuvumela abesifazane abangashadile ukuba banikezwe umhlaba njengoba bengavunyelwa ukuba nezindawo zokwakha noma ukulima.
Lokhu kuvele ngesikhathi kuzokwethulwa inkosi uSakhile Mdlalose waKwaHlahlindlela, emcimbini obusesigodini saKwaMachanca.
Inkosi uMdlalose ihambela zonke izigodi zendawo yayo ukuyozethula emphakathini nokuwazisa ngemigomo ezobusa ngayo isizwe.
Unobhala womkhandlu wenkosi, uNkk Lindiwe Buthelezi okunguye obefundela umphakathi umqulu onemigomo okumele ilandelwe endaweni, uthe bakwenze lokhu ngoba bese kunesikhathi eside abesifazane behlupheka nezingane zabo ngoba bengashadile.
“Lapha kule ndawo yakithi siyawabhekelela amalungelo abesifazane, asifani nezinye izizwe ezisanenqubo yokubakhipha inyumbazane. Yingakho njengomkhandlu wenkosi sivumelene ukuthi abesifazane abangashadile sebenelungelo lokuba nomhlaba abazokwazi ukwakha nokulima ukuze bondle imindeni yabo. Sinqume ukuthi uma uzokhonzela indawo ungeyena owalapha kumele ukhiphe imali enguR2000. Le mali siyenze yaba nkulu ngoba senzela abantu bangezi ngobuningi lapha basiqedele umhlaba bese sizithola singasenandawo. Kodwa uma ungumuntu wendawo umhlaba wokwakha uwuthola ngemali enguR500 kuphela,” kusho uNkk Buthelezi.
Uqhube wathi ngaphandle kwalokho izikole nezinye izikhungo zentuthuko yomphakathi zikahulumeni zinikezwa umhlaba mahhala kodwa nakhona kuba nemigudu esemthethweni elandelwayo njengokuxhumana nomphakathi ukuze usho ukuthi ngabe lesi sikhungo uyasidinga yini.
Uthe amabhizinisi uma efuna umhlaba anikezwa amahektha athize ngemali enguR5 000.
Labo abafuna umhlaba wokwakha isonto eyabo iba nguR2000.
Kuxwayiswa izakhamizi ezigweve nomhlaba ezingasawusebenzisi. Isikhalo esikhona kule ndawo wukuthi kunabantu abanamasimu abangasawalimi kanti umkhandlu wenkosi unelungelo lokuwathatha unikezele labo abanamandla okulima.
Kukhalwe nangalabo abaphula imithetho yenkosi ngokudayisela abantu abangaziwa imizi endaweni ekubeni kwayaziwa ukuthi ongeyena owendawo uma ezofuna ukwakha kwaMdlalose, kufanele afike nencwadi eshoyo ukuthi uphumaphi uxoshwe yini. Kuthiwa uma ubuyisela noma ubuyisigebengu ubulala, kwaMdlalose uyaxoshwa.
Undunankulu wenkosi, uMnuz Phyneas Buthelezi, ukhale kakhulu ngentsha yesilisa edlwengula izalukazi. Uthe kule ndawo abafuni nokuyibona le nto ngoba emandulo abafana uma bebona isalukazi sesihlulwe wutshwala babesithwala basiyise ekhaya sifike siphephile.
Inkosi ibonge umphakathi ngokuyivumela ihlangane nawo ikwazi kuzozethula.