UPhaahla obekhuluma esithangamini sabezindaba izolo emuva komhlangano weKhabhinethi ogunyaze ukuthi kuyekwe ukugqokwa kwezifonyo ezweni, uthe lesi sifo sitholakale kumuntu wokuqala waseGoli, oneminyaka engu-30.
“Lesi sifo sidlange emazweni afana neNigeria, Ghana namanye e-Afrika. Akusona isifo esisha. Sivele sikhona. Nakwamanye amazwe angaphandle kwakuleli sihlasele njengoba sitholakale nase-United Kingdom kubantu abevile ku-700.”
Uthe sidlange kubantu besilisa abalala nabanye abesilisa.
“Sizothungatha abantu lo wesilisa ake wahlangana nabo ukuze bahlolwe ukuthi banaso yini lesi sifo. Sijwayele ukuba amaqhuqhuva ifana ne-chickenpox.”
Mayelana nokungagqokwa kwezifonyo, uthe abantu abagulayo bangaqhubeka bazifake izifonyo ukuvikela abanye.
“Uma unezifo ezingamahlalakhona siyakugqugquzela ukuthi uqhubeke ufake isifonyo. Akumele bahlekwe abantu abazoqhubeka nokufaka izifonyo ngoba bazobe beziphephisa.”
Uthe kwezinye izifundazwe kusagqoza ukugomela iCovid-19, ekubeni igciwane layo lisekhona futhi lisabulala.