UNGQONGQOSHE weMfundo eyiSisekelo uNkk Angie Motshekga, uthe uhulumeni uzimisele ngokuqeda ngezindlu zangasese zemigodi ezikoleni zakuleli.
UNkk Motshekga uthe ucwaningo abalwenze nyakenye luveza ukuthi zingu-3 898 izikole ezisanezindlu zangasese zemigodi kuleli.
Uthe zibalelwa ku-2000 ezinezindlu ezidinga ukuvuselelwa kabusha ngoba azikho esimeni.
“UMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa uthule umkhankaso wokuqeda ngezindlu zangasese zemigodi nyakenye. Ubuye wazibophezela ekutheni eminyakeni emithathu kuqedwe ngezindlu zangasese eziyimigodi ezikoleni, kwafakwa noR700 million kulo nyaka wezimali ukufeza lo msebenzi,” kusho uNkk Motshekga.
Ukusho lokhu izolo evula ngokusemthethweni izindlu zangasese ezingu-42 esikoleni samabanga aphansi Ubuhlebemvelo Primary, eMtubatuba.
Uzithule ngaphansi komkhankaso ophakathi komnyango nenkampani ama-Amalooloo ukuqeda ngalezi zindlu zomgodi ezikoleni.
Lesi sikole sinabafundi abangu-1 090 kanti kulezi zindlu zingu-18 zabafana nezingu-18 zamantombazane kanjalo nezeyisithupha zikaGrade R.
Le nkampani iwashaye phansi amathoyilethi omgodi ngesikhathi kwakhiwa amasha.
“Kubalulekile ukuthi kube nezindlu zangasese ezisezingeni elikahle ukuze kungaphazamiseki ukufunda. Ucwaningo luveza ukuthi uma izindlu zangasese zisesimeni kwehlisa ukulova kwabafundi ngenxa yokuthi basuke begula bekhishwa izisu noma izinkinga ezihambisana nokuphefumula,” kusho uNkk Motshekga.
Uthe banxusa osomabhizinisi nemikhakha ezimele ukuthi bafake isandla ukuze kuqedwe ngalezi zindlu njengoba kuke kwaba nesehlakalo esingesihle lapho kwashona khona abafundi ababili bephonseka ezindlini zangasese besesikoleni.
ULumka Mthethwa waphonseka endlini yangasese ngo-2014 esesikoleni kwathi uMichael Komape waphonseka
nyakenye.
“Sizokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi akekho umfundi ophinde aphonseke endlini yangasese ezikoleni zakuleli. Kumele sigqugquzele abafundi ukuthi bawashe izandla uma beqeda ukusebenzisa izindlu zangasese,” kusho uNkk Motshekga.
UNkk Leanne Jansen-Thomas, obhekele ezokuxhumana kwi-Equal Education, uthe kusuka ngoNovemba 2016, sekuyicala ukuthi kube nezikole ezingenazo izindlu zangasese ezisezingeni okusho ukuthi azisavumelekile izindlu zomgodi.
Uthe kodwa zisengu-3 898 izikole ezinezindlu zomgodi wathi nyakenye iNkantolo yoMthethosisekelo yachitha isicelo somnyango sokuthi kube nezindlu zangasese ezisesimeni.
Le nhlangano yaya enkantolo ifuna uNkk Motshekga ahlangabezane nemibandela azibekela yona.
“Silindele ukuthi iminyango ihlangabezane nezinto eyazibekela yona ngokuthi kube nengqalasizinda esezingeni ezikoleni.”