OTHISHA bathi abalubhadi ezikoleni ngoMsombuluko uma izinhlelo zokubavikela ekutholeni igciwane i-Corona, zingenziwanga.
Izinyunyana zothisha phakathi kwazo okubalwa iNational Professional Teachers Organisation of South Africa (Naptosa), iNational Teachers Union (Natu), iSouth African Democratic Teachers Union (Sadtu), iSuid Afrikanse Onderwyser Unie (SAOU), Professional Educators Union (PEU) nezinye zithumele isitatimende zithi amalungu azo ngeke alubhade ezikoleni ngoMsombuluko uma izinhlelo zokuvikela othisha zingenziwanga.
Zithi uNgqongqoshe wezeMfundo kuleli uNkk Angie Motshekga akakhulumanga iqiniso ngesikhathi echaza ngebanga eselihanjwe yilo mnyango ekuthumeleni izidingongqangi zokuzivikela ezidingeka ezikoleni ukuze kuvulwe ngoMsombuluko, ngesikhathi ethula inkulumo yakhe.
UNkk Motshekga umemezele ukuthi izikole zizovulwa ngoJune1 kepha othisha bazovula ngoMsombuluko wathi seluqalile uhlelo lokuhambisa izinsiza zokuvizivikela kwi-Corona, kuzothi kushaya isikhathi sokuvula zibe sezifinyelele kuzo zonke izikole.
Izinsiza zokuvikela ukusabalala kwe-Corona ezikoleni izibulali magciwane, amathange amanzi nezifonyo, uthe sezithunyelwe kwezinye izikole nezifunda uma kukhona izikole ezingakazitholi kusho ukuthi zizolethwa ngaphambi kokuthi kuvulwe.
Ungqongqoshe uthe usezwile ukuthi kukhona abakhala ngokuthi kulethwe izigubhu ezincane ezingeke zibanele abafundi wathi lezo zigubhu ezisalethiwe ngezothisha akuzona ezabafundi, wathi ezabafundi zizolethwa ngesikhathi esifanele.
Izinyunyana zothisha zithi kunezifunda ezingakatholi lutho lokuzivikela yize ungqongqoshe esho kanje futhi ucwaningo olwenziwe ngothishanhloko luveza okwehluke kakhulu kulokho obekushiwo ungqongqoshe ngoLwesibili.
Kulesi sitatimende zithi u-79% wothishanhloko kuleli bathi abakaze bawuthole umgqingo ochaza ngemigomo nemibandela yezokuzivikela okumele ilandelwe ezikoleni abafundisa kuzo, u-60% uthi abahloli bamasekethe abakaze baxhumane nabo, u-90% uthi amahhovisi abo awakaze ahlanzwe kodwa ungqongqoshe uthe izinhlelo seziqalile.
Bathi lokhu kwenza bazibuze ukuthi yikuphi osekuqaliwe ukwenziwa wumnyango.
Ngakolunye uhlangothi abanikazi bezimoto ezithwala abafundi uma beya ezikoleni ‘omalume’ bathi abakaze bathintwe ukuze banikezwe imigomo okumele bayilandele uma begibelisa abafundi.
UMnuz Nkululeko Mkhize, uMengameli weSouth African Scholar Transport Assciation kuleli, uthe akukho osekuke kwakhulunywa nabo.
“Njengamanje akukho esingathi siyakwazi yize usuku lokuvulwa kwezikole selubekiwe. Uhulumeni akakaze akhulume nathi selokhu kwaqala ukukhulunywa ngodaba lwabafundi. Asazi ukuthi kuzomele sithwale abafundi abangaki ngakho asinazo izinhlelo esingazitshela umphakathi,” kusho uMkhize.
UMnuz Zwile Zulu, usihlalo wesigungu sabazali KwaZulu Natal, uthe ungqongqoshe ukhulume kahle washo ukuthi bazozwa amanzi ngobhoko, uma kubonakala ukuthi isu elikhona alisebenzi, kuzoqalwa phansi kwenziwe elinye.
“Ekugcineni sifuna izingane zethu zifunde, iNingizimu Afrika akuyona kuphela ebhekene nenkinga yombhedukazwe we-Corona namanye mazwe anenkinga efanayo, izingane zakuwo lawo mazwe zibuyele ezikole. Ngakho kumele sifunde kwamanye amazwe ukuthi azivule kanjani izikole. Kumele sibonisane ngoba sonke sinenhloso eyodwa yokuthi izingane zifunde,” kusho uZulu.