OSOSAYENSI baseGermany sebeqhamuke nendlela yokuhlola ukuthi umuntu usazophila isikhathi esingakanani ngaphambi kokuthi ashone.
Le ndlela yokuhlola kubikwa ukuthi ayivamile ukushaya eceleni njengoba ibe nemiphumela eyiyo ku-83% wabantu abahlwe ngayo ngokukala ama-biomarkers asegazini.
Lokhu kungaholela ekutheni abantu bakwazi ukuhlolwa bese beyacetshiswa ukuthi bashintshe indlela abaphila ngayo bazinakekele.
Laba bacwaningi bahlole abantu abangu-44 168 abaneminyaka ephakathi kuka-18 no-109, kanti abangu-5 512 kubona bashone ngesikhathi kusenziwa ucwaningo.
Lokhu kuhlolwa kungakwazi iveza ukuthi umuntu uzoshona nini phakathi kweminyaka emihlanu ezayo noma kweyishumi. Uma luqhathaniswa nezinye izindlela zokuhlola ukuthi umuntu angase adlule nini emhlabeni, imiphumela yayo ingcono ngo-10%
Abacwaningi, uDkt Joris Deelen weMax Planck Institute for Biology of Ageing in Cologne eGermany kanye noSolwazi Eline Slagboom weLeiden University eseNetherlands, bakubeke kwacaca ukuthi ukufa akunqunyiwe. Uma abahlolwayo sebebona ukuthi bazosheshe bashone, bangashintsha ukwenza kwabo ukuze babe nempilo ende.
UDokotela Deelen uthe: "Ukuhlolwa kukuvezela isimo sempilo yakho ngaleso sikhathi nobuthaka bomzimba. Uhlolo alukhombisi ukuthi uzoshona nini ngoba lokho kusezandleni zakho. Uma igazi liveza ubuthaka bomzimba wakho bese likutshela ukuthi uzoshona nini, nomndeni wakho ukubone lokho, ungayishintsha impilo yakho ugcine usuphila isikhathi esiphindwe kabili."
Laba bacwaningi bathe, lolu hlolo lungasetshenziswa nakwezempilo. Isibonelo, uma kusetshenziswa isidakamizwa kwisiguli, ngeke sisebenze kahle kulowo obuthaka kepha sizosebenza kahle kulowo onempilo ende.
Ephawula ngalolu cwaningo uDkt Amanda Heslegrave we-UK Dementia Research Institute ese-University College London uthe: "Isibalo esiphezulu sabavivinywa kulolu cwaningo senza imiphumela yethembeke. Kepha, ucwaningo lwenziwe e-Europe kuphela kanti kungenzeka ukuthi alisebenzi kubantu bezinye izizwe. Kusamele luqhutshwe ucwaningo."