ILUNGU le-ANC ephalamende uDkt Makhosi Khoza usecele ukukhulekiswa njengoba ngoLwesibili kungenzeka abekwe icala ku-ANC ngezinsolo zokudicilela phansi isithunzi senhlangano.
Lokhu kulandela izinkulumo zikaDkt Khoza ngesonto eledlule lapho akhuluma khona esidlangalaleni ethi uJacob Zuma akasadingeki esikhundleni sobumengameli.
Ngemuva kwale nkulumo ayenze emcimbini wokukhumbula uDkt Nelson Mandela, i-ANC KwaZulu-Natal yathi uzoqondiswa ubugwegwe.
Ebhala ekhasini lakhe kuFacebook ngoMsombuluko uDkt Khoza uthe ukholelwa kwi-ANC nohulumeni olalela abantu.
“Ngikholelwa kuhulumeni wabantu, lapho abaholi be-ANC bezokwazi ukuhlangana badingide ukuthi ubani ozoqokelwa ukuhola nokuthi ubani ozosuswa. Kulokhu kuyacaca ukuthi kubusa inkohlakalo,” usho kanje.
Uveze ukuthi abaholi bamaqembu eyimufelandawonye nabo sebecele okufanayo, ukuthi uZuma asuswe esikhundleni. Uthe inkohlakalo isona sizathu esihamba phambi ngokugqoza kwentuthuko emazweni ase-Afrika, nokuyinto ezomenza aqhubeke alwe.
“Namhlanje ngokwazi kwami i-ANC KwaZulu-Natal, le esazovela enkantolo ngezinsolo zokupheka imiphumela yokhetho, izongibeka icala ngoba angifuni ukufa ngithule,” kusho yena.
Ugcizelele ukuthi akeseki amaqembu aphikisayo kodwa weseka ubulungiswa obufunwa ngabantu bakuleli.
“Ningithandazise bazalwane. Ngibhekene noSathane ngqo. Inzima lempi. Sengimema nabo oBhambatha kaManciza, Sekhukhune, Moshoeshoe, Shaka kaSenzangakhona, Mkabayi kaJama, DiniZulu. Ningathuli,” kuphetha yena.