UMMELI we-AFriForum u-Advocate Gerrie Nel uthi ukhathazekile ngokwenzeke enkantolo yeMantshi eBoksburg namhlanje ngesikhathi kuvela abasolwa abahlanu ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa njengoba ethi akuhambisani nabavumelane ngakho nabaphenyi.
Enkantolo kuvele ukuthi abasolwa abahlanu babhekene necala lokubulala, elokuzama ukubualala kanye nelokubamba inkunzi. UNel ngakolunye uhlangothi izolo ntambama udalule ukuthi abakungabazi nakancane ukuthi kwakuhleliwe ukubulawa kukaMeyiwa, okusho ukuthi bekulindeleke ukuthi abasolwa babhekane necala lokubulala ngenhloso.
UGerrie Nel uthe nabo kubathusile ukuthola ukuthi abasolwa babhekene namaphi amacala. Uthe lokhu kuzobenza balilandele eduze icala ukuze baqinisekise ukuthi buyenzeka ubulungiswa.
“Ngikhathazekile, ngicabanga ukuthi sonke kumele sikhathazeke ukuthi okwenzenke enkantolo namhlanje akuhambisani nalokho esikutshelwe abaphenyi. Ngakolwami uhlangothi kodwa ngisanelisekile ngombiko engiwethule izolo wokuthi bekuhleliwe ukubulawa kukaMeyiwa. Lokhu sekuzokwenza siqinisekise ukuthi ukushayisana kwemibono phakathi kwabashushisi namaphoyisa okungenzeka ukuthi kukhona akuliphazamisi icala ngoba akufanele kwenzeke lokho,” kusho uNel.
UNel uqhube waveza ukuthi uyathemba ukuthi akukho ukushayisana okukhona phakathi kwamaphoyisa nabashushisi, kodwa wakuveza ukuthi bebengakalitholi ithuba lokukhuluma nabashushusi. Uthe uyethemba ukuthi uma icala selizoqala ukuqulwa abashushisi nabaphenyi bazobe sebecula iculo elilodwa ngamacala abasolwa okumele babhekane nawo.
Uthe bazokhuluma nomndeni wakwaMeyiwa ngokwenzeke enkantolo namhlanje.
NgoLwesibili kuvele abasolwa uKhulela Themba Sibiya, Bongani Sandiso Ntanzi, Mthobisi Chris Mncube, Mthokoziseni Zifozonke Mapisa noSifiso Ntuli enkantolo yeMantshi eBoksburg ngecala lokubulawa kukaMeyiwa. Babhekene necala lokubualala, ukuzama ukubulala kanye nokubamba inkunzi.
Icala lihlehliselwe uNovemba 27.