AYIKAFIKI lapho iphikelele khona intokazi yaseMpangeni esanda kuthola iPhD yayo emkhakheni wezemfundo.
UNksz Ntandokamenzi Dlamini (29) waqeda u-matric ngo-2006 eneminyaka engu-16, wayokwenza iDegree ye-Environmental Planning and Development wathweswa iziqu zayo ngo-2009.
Akazange esabheka emuva wenza iHonours yeGeography ngo-2010.
UNksz Dlamini uthe esanda kuqeda enyuvesi wathola umsebenzi wokuba uthisha eNguluzana Primary.
“Ngathi ngisebenza ngabe ngenza iPGC, ngayiqeda ngo-2014. Ngathola umfundaze wokwenza iMasters e-University of Poland. Emuva kwalokho angizange ngisabheka emuva ngenza iPhD ngo-2016 kuya ku-2018 njengoba bese ngithola iziqu,” kusho uNksz Dlamini.
Eqhuba uthe ukuba nabazali abamgqugquzelayo kumenze waba nesineke nothando lwemfundo ngoba bebelokhu bemseke njalo.
Uyise uMnuz Musa Madondo naye uneziqu ezifanayo nezendodakazi yakhe kanti nonina uNkk Bongi Madondo umatasa nokuphothula ezakhe maduze.
“Angikakaqedi ngisazoqhubeka ngize ngifike ezingeni loSolwazi futhi ngiyafisa nokuba isibonelo esihle ezinganeni zasekhaya, zibone ngami ukuthi kuyenzeka umuntu afike lapho efisa khona. Ngazitshela ukuthi ngeke ngibe neminyaka ewu-30 ngingenayo iPhD. Namanje angifuni ukufika ku-40 ngingayena uSolwazi futhi nginamagalelo abonakalayo kwezemfundo,” kusho uNksz Dlamini.
UNksz Ntandokamenzi Dlamini ugqugquzwlwe ngabazali bakhe uMnuz Musa noNkk Bongi Madondo ngemfundo nokwenza azikhandle kanzima Isithombe: SITHUNYELWE
Ukusabalala kwezithombe zakhe ezinkundleni zokuxhumana abantu bemhalalisela kummangazile ngoba ubengakaze akuveze nokuthi uyafunda.
“Baningi abantu besifazane abagqugquzelekile sekukhona nabangithumelele imiyalezo befuna imininingwane engabasiza ukubhalisa enyuvesi. Ngiyafisa bangalilahli ithemba nabanothando lokufunda kodwa besabhekene nezingqinamba. Noma umuntu engenayo imali zikhona nezinye izinhlelo ezilekelelanayo kudingeka ukuthi umuntu athole ulwazi olufanele,” kusho uNksz Dlamini.
Ephetha ubonge nokwesekwa akuthole esikoleni ikakhulu kuSolwazi wakhe womkhakha wezeMfundo kule nyuvesi.