UMENGAMELI we-ActionSA, uMnuz Herman Mashaba, uthembise ukulwa nenkohlakalo nokungalingani, wathembisa nokuqeda ngokujutshwa kwabantu abazana nosopolitiki kuhulumeni.
UMashaba, obethula umkhankaso wokhetho ngoLwesine eGoli, uthe uzobhekana nendaba yabantu bokufika kuleli, abangenawo amaphepha afanele.
Uthe abantu bakhathele yi-ANC egcwele inkohlakalo, badinga ushintsho.
Uqhube wathi bazimisele ukudla umhlanganiso komasipala abakhulu okubalwa kubo iTheku, Tshwane neKurhuleni.
“Siyiqeda nya inkohlakalo, indaba yokuthi uqashwa kuhulumeni ngoba wazi bani izophela nya, uzoqashwa ngoba wazi okuthile,” usho kanje.
Uthe uma kuwukuthi abakwazi ukuphatha bodwa umkhandlu, bazosebenza namanye amaqembu.
“Ngeke sisebenze ne-ANC. Abantu bakuleli kumele bazi ukuthi ukuze izwe liye phambili, kudingeka kuphele nge-ANC.”
Uthe ufuna ukulwa nesihlava esiyinkohlakalo njengoba kuyisitha sabo sokuqala.
“Sizokwenza konke okusemandleni ukulwa nalesi sitha. Uma weba imali, sizolwa ukuthi ubolele ejele. Ngelinye ilanga siyovalela zonke izigebengu emajele,” kusho uMashaba.
Uthe eGoli awukho umthetho, abantu bayazenzela, wathi bazosebenzisa namaphoyisa.
“Sizoba nophiko oluzoqinisekisa ukuthi umphakathi uphephile. Sizokwakha izinkantolo zomasipala ukuze kuqedwe ukuzithathela umthetho edolobheni.”
Uthe abokufika abenza imisebenzi kuleli kumele babhalise ophikweni oluqoqa imali, iSouth African Revenue Service.
Uqhube wathi kumele babhalise, babe namaphepha afanele abokufika kuleli abangenazo izimvume.
UMashaba uthe eyimeya yaseGoli wavundulula inkohlakalo kaR24 billion, wathi lokhu kwashanelwa kwangathi yinto engekho eseshiya kulesi sikhundla.
Uthe sekuyisikhathi sokuthi kuvotelwe iqembu elizobuyisa amabhilidi adliwe ngabokufika.
Uveze ukuthi kumele iqiniswe eyemingcele kuleli.