ISIWOMBE sesine sokuhlasela kweCovid-19 kulindeleke ukuthi singabi sibi kakhulu.
UDkt Groom Michille wesikhungo esicubungula izifo ezithathelanayo, iNational Institute for Communicable Disease (NICD), uthe okwamanje isiwombe sesine akulindelekile ukuthi sibe sibi kakhulu ngoba alikabi khona igciwane elisha eselikhona.
Uthe isiwombe sesine sokuhlasela kwaleli gciwane kulindeleke ukuthi sifike kuleli ngoDisemba.
"Asikwazi ukuqinisekisa ukuthi lesi siwombe sizofika nini ngoba kuzoba nokhetho lohulumeni basekhaya okusho ukuthi kuzoba nabantu abaningi abazobe behlangana okungaholela ekutheni babe baningi abantu abathelelanayo okungenza ukuthi isiwombe sesine sisheshe sifike," kusho yena.
Uthe okwamanje into engasiza ukuthi abantu bagome ngobuningi ngoba ukuthi abantu badedelwe balithole leli gciwane ukuze imizimba yabo izenzele ngokwayo amasosha okulwa nalo, yinto engathatha isikhathi eside futhi eyingozi ngoba uma kugula abantu abaningi ngesikhathi esisodwa kuzoshoda izibhedlela.
" Njengamanje abantu abagomile kuleli basengaphezulu kancane kuka-20 million okuyisibalo esincane kakhulu. Njengoba abantu beseyilesi sibalo kusekude ukuthi kuyekwe ukugqoka izifonyo neminye imithetho elandelwayo njengamanje yokuzama ukunqanda ukusabalala kakhulu kwaleli gciwane. Okusho ukuthi kukhona izinto ebesijwayele ukuzenza ngaphambi kokuthi kufike lesi sifo esisekude ukuzenza," kusho uDkt Michelle.
Lesi sikhungo sithe izibalo zakamuva zikhomba ukuthi abantu abasha abahaqwe yileli gciwane bangu -1,367 osekuholele ekutheni abantu abahaqwe yigciwane kuleli kusukela ngonyaka odlule babe ngu- 2,898,888. Abashonile bakamuva bangu-201 osekuholele ekutheni asebebulewe yigciwane kuleli babe ngu- 87,417.