CELANI SIKHAKHANE
U SUFAKANE enkantolo umndeni wensizwa yaseNgwelezane KwaZulu-Natal, eyawina isamba sika-R18 million kwiLotto ngenxa yokudonsisana ngokuthi kumele ingcwatshwe kuphi.
Lokhu kuvele izolo ngesikhathi Isolezwe lihambele ekhabonina likaMnuz Nhlanhla “Buddah” Dlamini (29) kodwa owayaziwa ngokuthi owakwaNgubane.
Izingane zakubo ezilamana naye zifuna angcwatshwe esigodini eTatane ngaseDriefontein, eMnambithi.
Ngakolunye uhlangothi umndeni kayise wakwaDlamini kuthiwa ufuna ayofihlwa eNkandla kubo kayise.
UDlamini ushone engozini yemoto eyenzeka eMpangeni emasontweni amabili edlule ngesikhathi yena nabangani bakhe bebuya emcimbini owawuseNyuvesi yaseZululand wokwethwesa abafundi iziqu.
Udadewabo okunguNkk Sphesihle Mdakane uthe baphatheke kabi ukuthi umfowabo useyabangwa okwenza bangakwazi ukumngcwaba. “Angikwazi ukukhuluma izinto eziningi ngoba ngimncane kodwa bakhona abadala abangachaza konke. Engingakusho ukuthi uNhlanhla kuthe eseshonile kwafika ubhuti wakubo kababa wakhe kwaDlamini wavala ukuthi sikhiphe isidumbu emakhazeni eMnambithi ngoba ethi ufuna ukuyomngcwaba yena eNkandla.
Besazi yena ukuthi ungubhuti wakhe ngokomndeni ngenxa yokulamana kobaba babo kodwa usevele wathatha mawala njengoba esefuna ingane kamama ukuyiyisa eNkandla ekubeni ibaze isindala. Asithembe ukuthi inkantolo izoqhamuka nesixazululo,” kusho uNkk Mdakane.
Uthe nakuba ingane yakubo ingazange ibenzele lutho ngenxa yokuthi ibiziphilela impilo yayo kodwa kubuhlungu okwenzekayo ukuthi ibangwe isishonile. AbakwaDlamini iphunzile imizamo yokuba batholakake ukuze baziphendulele.
Nakuba uDlamini ebengakhile emakhaya njengoba kuke kwavela kodwa ubebathengele umuzi omuhle endaweni esedolobheni e-Observation Hill. Kulo muzi kukhala ngisho omakhelwane ngenxa yosizi olubonakalayo. Izinja zikaDlamini eMzinyathi okuthiwa ubezikhonzile, ezithengela amaketango abizayo, ehlala nazo emotweni yakhe zisele dengwane zibulawa indlala. Egcekeni kusele zona nemoto yakhe iFord Everest yalo nyaka abeyibiza ngeGongo. Omunye womakhelwane okhulume neSolezwe, uNkk Nicoleen Peterse uthe kubuhlungu kakhulu abakubonayo ngoba amasango akhiyiwe, abakwazi nokungena baphakele izinja, abathi seziqede amasonto amathathu zingadli. “Lezi ezimbili siyazama ukuziphonsela ukudlala kodwa Lena enye enkulu kunazo zonke asikwazi ngisho ukuyinikeza amanzi ngoba washiya eyivalele ehontshi. Abanye babangani bakhe abanezikhiye zesango abebenokufika lapha bezovula abasezi ngenxa yokuthi sizwa kuthiwa bayesaba. Manje nabomndeni wakhe asikaze sibabone,” kusho uNkk Peterse. UDlamini wawina iLotto ngo 2014, esebenza kwaShisanyama KwaMaqhude, eNgwelezane nasesitolo sikasomabhizinisi wasePakistan. Kuthiwa wanyamalala izinsuku ezinhlanu ewinile, wabuya esethenge iRange Rover Evoque wayibhala ukuthi Le Good Life, maqede wathenga eyesibili wayibhala ukuthi Buddah. Lezi zimoto kuthiwa zashayisa egcekeni kubo kayise eNkandla ngendlela engaqondakali kwaphela ngazo, ngosuku ayenze ngalo umsebenzi kayise. Kuningi aphinde akwenza ngenxa yokuba nemali eningi.