ABELAPHI bendabuko sebeqalile ukutshala izihlahla zemithi yokwelapha emva kokunikekelwa ngendawo yokuqhuba lolu hlelo eMadlangeni, ngaphansi kweMajuba.
Lolu hlelo lokutshala oluxhaswe wuMnyango wezeMpilo, owokuThuthukiswa koMnotho nowezeMvelo iKZN Wildlife luqale eMadlangeni njengoba inkosi yakwaKhumalo kule ndawo inikele ngendawo engu-11 000 Hectares. Abelaphi bebehambisana noSomlomo waseMajuba, ukhansela Phumzile Mgcina nobuholi boMkhandlu batshale izihlahla ezehlukene ka-10.
USomlomo uMgcina ugqugquzele ukuthi zande izindawo okuzotshalwa kuzona izihlahla njengoba kukhona esezingasatholakali ngenxa yokuguquguquka kwesimo sezulu.
Kule ndawo kuzobe kuvumeleke abelaphi bendabuko abanemvume yokwelapha nabafundisiwe ngendlela yokukha imithi ukuze ingagcini isishoda ngenxa yokukhiwa kwayo ngendlela engamukelekile.
UMgcina unxuse ukuthi abantu banikele ngezindawo zokutshalwa lwemithi ngenxa yokuthi eminingi isiyashoda kanti iyadingeka kakhulu. Lokho uthe iyona indlela yokuthi yongiwe nokuzokwaziwa ukuthi imithi engasatholakali ikuphi njengoba eminigni ingasekho. Lokho kuzosiza nabelaphi bendabuko ukuthi baqhubeke nokuba nemithi yokuphilisa abantu.