SEKUQUBUKE indida kumalungu ebandla lamaNazaretha ohlangothini lwaseBuhleni ngokudluliswa kwecala lombango wobuholi, abesezitshele ukuthi seliphelile.
Umbango wobuholi bebandla uphakathi kwabaseBuhleni nabaseThembezinhle.
Isolezwe ngeSonto selithole ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi amalungu ebandla atshelwe ukuthi icala liphelile futhi umholi osemthethweni uNyazi.
Lesi simemezelo kuthiwa sisanda kwenziwa ebandleni lapho kwasetshenziswa khona umthetho sisekelo webandla u-Protocol 293 ka-1935.
Lo mthetho uthi uma umholi webandla eze wadlula emhlabeni engakhethanga, isigungu sebandla sinegunya lokukhetha.
Ususelwa esifisweni soMsunguli webandla uMprofethi Isaiah Shembe, owabhala incwadi eveza igama lomholi kodwa wangayisayina. Yize icala liphinde lavuna abaseThembezinhle ngesikhathi liseMgungundlovu, abaseBuhleni kuthiwa batshelwe ukuthi bangakugqizi qakala okushiwo yinkantolo ngoba sekuzosebenza umthetho webandla.
Ngokomthombo okwenzekayo manje kusho ukuthi bona eBuhleni bayaliphikisa icala.
Umthombo uqhube wathi kusetshenziswe lo mthetho okuvunyelwane ngawo emhlanganweni owawuseMhlanga maqede kwavotelwa uNyazi lungabangiswa muntu.
Ngemuva kwalo mhlangano kuthiwa luyiswe ethempelini elikhulu eGospel lapho kugcotshelwa khona amakhosi akwaShembe ngo-Ephreli nonyaka, lwafika lwagcotshwa ngokusemthethweni lwanikwa nesitifiketi esiqinisekisa ukuthi ngeke luphinde lunyakaziswe esihlalweni.
Isolezwe ngeSonto liyibonile ikhophi yesitifiketi esinamagama onke oNyazi, izinombolo zikamazisi maqede kwasayina uNyazi nosihlalo elingashiwongo igama lakhe.
Osekuphinde kwadida abantu manje yizindaba zokuthi uhlangothi lwaseBuhleni seluphinde lalidlulisa icala njengoba seliya enkantolo yokudluliswa kwamacala eBloemfotein.
“Inkinga ngalolu daba wukuthi noNyazi lusebumnyameni alwazi kahle ukuthi kwenzekani ngecala. Ludlala abantu abasebenzisa ibandla ukudla imali yalo, sikhathazekile impela,” kusho imithombo.
Ummeli waseBuhleni uMnuz Logan Govender uthe sebesifakile isicelo sokudluliswa kwecala. Uthe balinde inkantolo ibanike usuku lokuthi lihlala nini.
Ngokunjalo nommeli uMnuz Trevor Nkosi wohlangothi lwaseThembezinhle ukuqinisekisile ukuthi uzwile ukuthi abaseBuhleni balidlulisile icala kodwa bafuna kubuyekezwe okuthile okwashiwo yijaji ngesikhathi likhipha isinqumo eMgungundlovu.
“Kunezinto esingeneme ngazo esibona sengathi zizogcina zidunge ibandla ezidinga ukucaciswa ezashiwo yijaji eMgungundlovu,” kusho uMnuz Nkosi.
Okhulumela ibandla eBuhleni uMnuz Thokozani Mncwabe uthe: “Ngiyazi ukuthi liyadluliswa icala kodwa abanye abazi lutho ngalokhu."