INGODUSO yowayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob, uNksz Nonkanyiso Conco (27) iphumele obala ngokujula ngothando lwayo noZuma.
Lokhu kucace bha njengekati elimhlophe ehlungwini ngesikhathi inameka isithombe sayo icamele esifubeni sikaZuma nesithombe sikaZuma nendodana yabo uSakha-umuzi ekhasini layo ku-Instagram ngoLwesihlanu.
Lezi zithombe uzifake ukubungaza usuku lokuzalwa lukaZuma nendodana yabo nayo ezalwa ngosuku olufanayo, ebiqeda unyaka izelwe.
Enye yamakhosikazi kaZuma uNkk Thobeka Madiba-Zuma nayo ifake isithombe iqabulana noZuma, ebesihambisana nomyalezo wokumfisela okuhle ngosuku lwakhe lokuzalwa nokumbonga ngothando lwakhe.
Iphinde yafaka esinye isithombe isihleli noZuma namadodakazi abo kunomcimbi wokubungaza usuku lokuzalwa lukaZuma.
ULa Conco ophinde abe ngumsakazi weVuma FM, ubhale uhide lomyalezo efisela uZuma nendodana yabo usuku oluhle.
Ubonge uZuma ngokummema empilweni yakhe, wathi imicabango yabo bendawonye iyohlezi isemqondweni nasenhliziyweni yakhe impilo yakhe yonke.
“Nginezinsuku lapho engikukhiphela khona ingaphakathi lami ezingxoxweni zethu ezinde, imiyalezo emide echaza indlela okungithokozisa ngayo ongenzela khona. Namhlanje Msholozi ngicela nje ukuthi khula, khuphuka nkosi ebusa enhliziyweni yami,” kusho uLa Conco.
Uthe kuyisibusiso ukuthi indodana yabo izalwa ngosuku olufanayo noyise.
Echaza ngosuku okuzalwe ngalo indodana yakhe ngonyaka odlule, uthe usuku olwayishintsha impilo yakhe, lwamlethela injabulo yaphakade.
Uthe kwammangaza indlela indodana yabo eyayifana ngayo noZuma.
Owayengumengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma nengane yakhe noNonkanyiso. Isithombe: Instagram
Uveze ukuthi ngesikhathi uZuma eqala ukuyibona indodana yabo, wavele wathi uyabonga, wabe eseyiqabula.
Uqhube wathi wayengakaze ambone ekulesiya simo uZuma, engazi noma adanse, acule noma akhale.
Uthe uZuma waqamba indodana yabo igama elithi Sakha-umuzi, wathi ufisa sengathi ingakhula ifeze iphupho labo.
Uphethe ngokuthi uthando oluphakathi kwakhe noZuma lubanzi lujulile, wathi ululoba phansi ukuze indodana yabo iyoxoxela izizukulwana.
Lishone elangoLwesihlanu ilokhu ingenile imiyalezo yokufisela uZuma obeqeda iminyaka engu-77 nendodana yakhe ebiqeda unyaka unwele olude.
Imizamo yokuthola uLa Conco ayizange iphumelele ukuthola ukuthi zingase ziwushaye nini phakathi kwakhe noZuma.