UMFUNDISI osolwa ngokudlwengula amalungu ebandla lakhe, uMphostoli Mxolisi ‘Striker’ Shange, uthe ufuna icala lakhe lisheshe liqulwe noma lisulwe. Ukhulume kanje emva kokuba iNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ihlehlise ukumenyezelwa kosuku okuzoqalwa ngalo ukuqulwa kwecala lakhe.
IMantshi uRavi Pillay iyalele uShange, ongaphandle ngebheyili kaR5 000, ukuba aphinde abuye ngoJulayi 23 ukuze azi ukuthi kwenzekani ngecala lakhe. Umshushisi uStain Miloszewski nguye othe alihlehliswe icala ngoba kusenenkinga ngedokodo lecala likaShange.
Lo mfundisi unamacala amane okungamabili okudlwengula, elilodwa lokunukubeza ngokocansi nelokuthumba. Amacala kuthiwa wawenza emantombazaneni amane akhonza ebandleni lakhe elizinze eRichmond Farm, ngaKwaMashu, aneminyaka ephakathi kuka-14 no18 kusukela ngo-2014 kwaze kwaba uNovemba 2018.
Abamangali abathathu sebethathe isinqumo sokuwahoxisa amacala, bakhala ngokuthi ayabaphazamisa emisebenzini yesikole.
Kulokhu uShange ubengaphelezelwa wummeli wakhe * -Advocate Siseko Madikizela futhi ubengatolikelwa. Ummeli ubengaphandle ezincokolela nabazalwane ebebengunge unkosikazi kaShange. Ephuma uShange uvele waphenduka isilomo njengoba kukhona abaqonde kuye bamxhawula.
Abanye bathe bamazela emsakazweni womphakathi waKwaMashu iVibe 94.7 FM lapho abenohlelo lwezenkolo khona. Abanye bebebabaza ukuthi usekhuluphele. Imithombo ebisesontweni lakhe ngeSonto ithe wamukelwe ngenhlokomo ngabazalwane kwaze kwaba khona namakholwa amnikelelayo.