IKHANSELA elisolwa ngokubulala elinye elinguzakwabo eMlaza ngoba kuthiwa lalifuna isikhundla, likhale ngokuboshelwa amanqina enyathi njengoba lithi lalingeke libange isikhundla “esingenawo amandla”.
Ikhansela laku-ward 80, uMnuz Mthokozisi Nojiyeza, isolwa ngetulo lokubulala ikhansela laku-ward 88 uMnuz Sibusiso “Bhabhane” Maphumulo
ngo-Okthoba nyakenye.
UNojiyeza naboshwe nabo; oMnuz Phumlani Nojiyeza noNkosinathi Mbambo bafaka isicelo sebheyili.
Izolo enkantolo yaseMlaza, ummeli wakhe, u-Advocate Simphiwe Mlotshwa, ucele inkantolo ukuba imvumele aphinde abuyise uNojiyeza azofakaza njengoba umphathi wecala eveze imininingwane emisha.
UNojiyeza uthe yena wayengeke abange nomufi isikhundla sokuba unobhala ekubeni yena engusihlalo.
“Nkosi yenkantolo, engifisa ukukuchaza ngalesi sikhundla umphenyi wecala noMbuso abangisola ngokuthi ngabulala ngoba ngifuna sona, ukuthi akusona isikhundla ovotelwa kuso futhi kuwuhlaka lokusebenza nje olungenawo amandla. Umphenyi uveze ukuthi ngoba ngangibona ukuthi umufi unabalandeli abaningi abanganginikeza inkinga uma sekuvotelwa lesi sikhundla sikanobhala. Akunjalo ngoba lesi sikhundla uyaqokelwa kuso, awuvotelwa yimuntu. Akusona isikhundla saka-ANC njengoba umphenyi wecala evezile.
“Futhi lesi sikhundla asinamandla kodwa senziwa umkhandlu (weTheku) ukuba amakhansela akwazi ukusisebenzisa kuma-ward awo,” kusho uNojiyeza.
Uphinde wanaba ukuthi kungamanga ukuthi umufi uyena owayexhumana nosonkontileka ngenxa yalesi sikhundla sokuba unobhala wamakhansela
aseMlaza.
“Uma kuzofika usonkontileka, ophethe umsebenzi kuba uyena oxhumana nekhansela lalapho kuzosetshenzwa khona alazise ukuthi kuza usonkontileka, akuthintwa unobhala noma usihlalo,” kusho uNojiyeza.
Leli khansela lithe ngokwazi kwalo isikhundla sokuba unobhala sikamufi sasilingana nesikasihlalo. Uthe wayengeke abange isikhundla esifana nesakhe.
UNojiyeza uphinde wacacisa ukuthi ngokwakhe, okwenza wangaveza ukuthi usake walahlwa icala phambilini ingoba wayedidwa igama elavezwa abaseshi elithi “usake wagqoka yini”.
Uthe ngokwakhe wayazi kahle kamhlophe ukuthi ngo-1999 wakhokha inhlawulo kaR500 ngecala lokuntshontsha ushokoledi. UMbuso uthe uyakholelwa ukuthi uNojiyeza wafihlela inkantolo ngaleli cala ukuze eziveze emsulwa.
Kulindele ukuba namhlanje abameli nombuso benze izethulo zabo, bese kuphuma isinqumo ngebheyili.