KUQHUME isililo enkantolo ngesikhathi ijaji ligweba uscabha wetekisi udilikajele neminyaka engu-38 ngaphezulu ngecala lokubulala owayengumshayeli wemoto ekhokhelwa ngebanga elihambile eMbilo, eThekwini.
IJaji KQ Hadebe, eNkantolo eNkulu yaseThekwini ligwebe uSambulo Mngomezulu (38) udilikajele ngecala lokubulala uMnuz Griffits Mndeni Gumede (37).
Uphinde wagwetshwa eminye engu-18 ngecala lokuduna iVW Polo empunga kusetshenziswa indlakadla, engu-15 ngokutholakala nesibhamu nemihlanu ngokutholwa nezinhlamvu.
UMngomezulu uphucwe ilungelo lokuthi aphinde aphathe isibhamu esisemthethweni ngezandla zakhe.
Umshushisi u-Advocate Gugu Xulu watshela inkantolo ukuthi ababulali bakaGumede bazenza abantu abaqasha imoto kanti bafuna ukumgebenga.
Sasingakathathwa nasendaweni yesigameko isidumbu sikaGumede nemoto yakhe isanda kubizwa emoyeni, waboshwa eseKwaMashu, uMngomezulu.
Wayekade engaphandle ngoshwele onikezwa iziboshwa uMngomezulu eboshwa.
Wayedonsa isigwebo seminyaka engu-23 ngoxhaxha lamacala okukhona kuwona awokugqekeza, ukubamba inkunzi kuhlonyiwe, ukutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
NgoLwesihlanu, olwedlule uMngomezulu uxolisile emndenini kaGumede usenkantolo okuthe emuva kwesigwebo, umndeni walunqaba uxolo lwakhe.
Eseshona emgodini ebuyela ezitokisini uMngomezulu, uvele washwiba izandla samuntu ophebeza obekukade kushiwo umndeni kamufi abebemvalelisa bekhihla isililo.
Ngaphambi kwalokho ijaji lithe uMngomezulu ungumuntu ongeke aphinde ahlumeleliseke isimilo ngoba ekukhuleni kwakhe ubengena ephuma ejele ngamacala afana nagwetshelwe wona izolo.
Likhale nangesihlava sokubulawa kwabenza umsebenzi ofana nokamufi lathi kuwumsebenzi wenkantolo ukubagixabeza ngezigwebo eziqinile abagila le migilingwane..
“Ibhizinisi ayekulona umufi libuyisa ithemba kubantu ukuthi bazosizakala esikhathini lapho imisebenzi ingekho khona. Nsuku zonke bayabulawa abakuleli bhizinisi baphucwe izimoto zabo,” kusho ijaji.
Ijaji lithe wayezenzisa uMngomezulu ecela uxolo efuna ukudatshukelwa ekubeni waqale wabambezela ukuqala nokuphothulwa kwecala ebashonisa le nale.
“Waxolisa ngoba wenzela wena kungeve kusuka ngaphakathi kuwena. Sikuphi isidingo sokubulala umuntu owayengalwi futhi engahlomile? Isenzo sakho sasiwubuqaba. Umufi ubengumuntu omncane, ethembekile futhi enakekela abantwana bakhe nomndeni. Ngenxa yesenzo sakho esimbi kwashabalala lokho. Amanxeba ayesendaweni ebucayi, nanenza isiqiniseko sokuthi akasindi,” kusho ijaji.
Umufi washiya emhlabeni umndeni, izingane ezimbili nenye unina ayeyikhulelwea. Ngokwezitatimende ezifundwe enkantolo, izingane ziqhatha usizi, ziswele futhi zintula imali.
Unina wengane kamufi yena, uthe washayeka phansi wavuka esibhedlela ezwa ukuthi ushonile uGumede. Uthe uGumede wayebondla, usephila ngokukhangezwa izimpahla zengane eyake yaphila ngamanzi abhoyiliwe isonto lonke iswele ubisi.
Ilungu lomndeni kaGumede, elicele kugodlwe igama lalo, lithe nakuba bejabule ngesigwebo esinikezwe uMngomezulu, esibathoba amanxeba, kodwa basenemibuzo engakaphenduleki ukuthi wayebulawelani futhi baphi abanye ababulali bakhe?