UFAKAZI ecaleni lokubulawa kwabantu ehostela iGlebe eMlaza, utshele iNkantolo eNkulu eMgungundlovu ukuthi iphoyisa elingumsolwa wokuqala emacaleni akuleli hostela, lalisatshiswa okwenyoka ngoba yilo elalikhipha imiyalelo ngokubulawa kwabantu.
Iphoyisa uSgt Bhekukwazi Mdweshu (37), usolwa ngokuthi nguye owayekhipha imiyalelo ngokumele babulawe, ukutholwa kwezikhali nokuqeqesha “izinkabi” ngokusetshenziswa kwezibhamu ezinkulu.
Ufakazi, igama lakhe elingadalulwa ngenxa yemibandela yohlelo lokuvikelwa kofakazi kuleli, uthe uMdweshu, wayesatshiswa okwenyoka futhi akekho owayemphikisa uma esekhiphe umyalelo ngokubulawa kwabantu eGlebelands.
Lokhu ukusho ngesikhathi ummeli kaMdweshu, * -Adv Martin Krog, ebuza ukuthi kungani ufakazi wayethi babethunywa ummangalelwa ukuba bayobulala futhi kungani babenganqabi uma babengafuni.
“Uma uMdweshu esekhulumile akekho owayephinde akhulume noma aphikisane naye ngoba wayesatshwa. Asizange sisho ukuthi asithandi ukuba asithume siyobulala eMega City kodwa wayengazange esicele. Wasitshela ukuthi kumele siyobulala,” kusho ufakazi.
Ummeli uthe uMdweshu uyakuphika konke lokhu abakushoyo ukuthi yena wayebafundisa ukusebenzisa isibhamu esikhulu iR5 nokuthi wayebathuma ukuyobulala.
“Unamanga uma ephika,” kusho ufakazi.
Ummeli uqhube wathi lokhu okushiwo wufakazi ukuthi uMdwengu wabathuma ukuba bayobulala umuntu emini kabha eMega City, kugcwele abantu kuyinto eyayingeke nje yenzeke.
“EGlebelands bebenganandaba ukuthi abantu babulawa emini noma ebusuku. Bebengenandaba noma kugcwele abantu. Uma kumele kubulawe umuntu wayebulawa nje emini kabha,” kusho ufakazi.
Ufakazi uze wakhumbuza ummeli ukuthi noMnuz Khathi wabulawa emini eMega City kugcwele abantu.
Ummeli uthe uKhathi akazange ahlaselwe ngesibhamu esikhulu njengaleso athi babethunywa ngaso uMdweshu.
Ummeli uthe uMdweshu wayengeke akhiphe isibhamu esikhulu kangaka emphakathini ebukwa ngabantu.
“Abantu baseGlebelands uma beke babona isibhamu babevele bezithulele, bangakhulumi lutho,” kusho ufakazi.
Lo fakazi owaqala ngoMashi nonyaka ukwethula ubufakazi, ubuphothulile izolo. NgoMsombuluko kulindeleke ukuthi kungene ebhokisini omunye ufakazi.