Simphiwe Ngubane
UZOVALWA umzila wamatekisi kufakwe amabhasi azothutha umphakathi eMzinyathi, eThekwini, ngenxa yokulwa kule mboni osekukhiphe izidumbu.
UMnyango wezokuThutha, ezokuPhepha nokuXhumana koMphakathi KwaZulu-Natal uthe uzowuvala umzila wamatekisi uma engekho ophikisana nesiphakamiso esesigunyaziwe nesesilinde kuphele izinsuku ezingu-14.
Sekushone abantu abayisishiyagalombili ngenxa yokulwa kukasoseshini waseNdwedwe neDistrict Taxi Association kulo nyaka. Sekugunyaziwe ukuvalwa komzila sekulindwe kuphele izinsuku ezingu-14, uma engekho ophikisana nakho, uzovalwa.
NgoMsombuluko kuboshwe amadoda amathathu asolwa ngokuba yizinkabi, kwashaqwa nezibhamu. Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe walo mnyango eKZN, uMnuz Bheki Ntuli, esithangamini nabezindaba esiteshini samaphoyisa eNanda, izolo.
Ubehamba noMkhuzi wamaPhoyisa eKZN uLieutenant-General Khombinkosi Jula bezokwethula uhlelo lokulwa nobugebengu nodlame embonini yamatekisi.
“Manje sandise isibalo samaphoyisa aqaphe isimo. Uzovalwa bese kuqhubeka izingxoxo ngenhloso yokuthola isisombululo. Okwethu ngukuvikela impilo yabantu,” kusho uNtuli.
Uthe bakuqaphe ngelokhozi ukusebenza kososeshini waseMpumalanga, iLower South Coast, iDolphin Coast, iRichards Bay, iBambanani, Umzinto naKwaSwayimane nakhona osekuke kwaba nezidube.
“Kososeshini abangu-246 KwaZulu-Natal, yidlanzana elilwayo nakhona kusuke kungabangwa imizila kepha yingxabano yangaphakathi kusoseshini. Sisebenzisana nezinhlaka zomthetho siletha uzinzo,” kusho uNtuli.
UNtuli, uJula noNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke uGeneral Bheki Cele bazohambela eMthwalume ngoMgqibelo ngemva kokutholakala kwezidumbu zabesifazane abahlanu epulazini likamoba kusukela ngoMashi nonyaka. NgoLwesibili nangoLwesithathu amaphoyisa athole izidumbu ezimbili ebese ziqala ukonakala.
UJula uthe bazoqinisa umkhankaso olwa nokudayiswa kotshwala nogwayi baqinisekise uyathotshelwa umthetho womvalelandlini. Uthe bakhathalele impilo yawo wonke umuntu ngendlela efanayo kababheki ukuthi uhlalaphi.
“Sizoqinisa isandla ekulweni nokusetshenziswa budedengu kotshwala nezidakamizwa, udlame lwasemndenini, sibhushe amahlathi silwe nodlame lwamatekisi,” kusho uJula.
Kubulawe abantu abawu-4 859 KwaZulu-Natal okuyisibalo esikhuphuke ngo-10.6% uma siqhathaniswa nesangonyaka odlule. Isibalo esiphezulu kunazo zonke eminyakeni engu-10.
Kunxuswe abantu ukuthi babike uma kunezehlo zodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane. Kuthiwa eNanda, eMlaza, ePlessislaer, eMpangeni, KwaDukuza, Osizweni, KwaMashu, eMountain Rise naseShowe maningi amacala athinta ucansi avulwe ngonyaka * -2019/20.
IKwaZulu-Natal ngesinye sezifundazwe eziphambili ngamacala obugebengu afaka phakathi ukubulala, ukudunwa kwezimoto namacala athinta ucansi.
Kuzoqiniswa imikhankaso elwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane eNanda, eNtuzuma, KwaMashu nasePinetown. Kuthiwa amacala amaningi enzeka ngezimpelasonto kusetshenziswa isibhamu nesikhali esicijile. Abagilwa nabasolwa iningi labo intsha. Isuke isebenzisa uphuzo oludakayo nezidakamizwa. Kubulawe amaphoyisa angu-10 eKZN ngonyaka u-2019/20.