UKWEHLISELWA esigabeni sesithathu sikathaqa kuzosiza kusheshise uhlelo lokuholelwa kwabantu abangasebenzi imali yesibonelelo, kusuka ngoJuni 1.
Lokhu kushiwo uNksz Sandy Godlwana ongumqondisi wezokuXhumana nokukhangisa kwaSouth African Social Security Agency (Sassa) KwaZulu-Natal.
UNksz Godlwana uthe bebesebenza ngokuxhugela ngoba iningi labasebenzi belisekhaya ngenxa yemigomo yesigaba sesine sikathaqa wezwe.
“Ukwehlela esigabeni sesithathu sikathaqa kuzokwandisa isibalo sabasebenzi bese kushesha uhlelo lokuholelwa kwabantu. Lide ibanga esesilihambile ekuhleleni indlela yokuholela imali yesibonelelo sabangasebenzi. I-Sassa iqale yasebenzisa uhlelo lokufaka izicelo ngeWhatsApp, yanabela nakwiSMS nakwi-website. Lokhu kubangelwe ukuthi iWhatsApp ibe inengcindezi enkulu yomthamo omkhulu wabafake izicelo zemali yesibonelelo,” kusho uNksz Godlwana.
Njengamanje iSassa isikhiphe abafake izicelo kungafanele ohlwini layo, okuyinto ebongele uR14 million obuzokhuphuka ufinyelele kuR81 million ngo-Okthoba. “Kusukela silungise izinkinga ebezikhona, iSassa ibe isihlola uhlelo lwayo lokuholela ngokuthi iholele abangu-10 kodwa bayisishiyagalolunye abagcine beyitholile imali. Ongaholanga ubenikezele ngemininingwane yakhe yasebhange engaqondile. Njengamanje bangaphansi kuka-5 million abantu esamukele izicelo zabo, ezinye eziphindekile, ezingaphelele nezingombombayi. Abanye abafake izicelo bathunyelelwe iSMS becelwa imininingwane yasebhange ngokushesha ukuze bahole ingakapheli inyanga,” kusho uNksz Godlwana.
Uthe labo abangenawo ama-akhawunti asemabhange imali yabo izofakwa emshinini wemali (ATM) wasebhange abazikhethele wona. Bekulindeleke ukuthi iSassa izolo iqede uhlelo lokusebenzisana namabhange mayelana nale ndlela yokukhokha. Kucelwa abantu ukuthi bavule ama-akhawunti ebhange lePosi eliseduze nabo. Isikhulu saseSassa uNkk Totsie Memela-Khambula sixolisile ngokubambezeleka kohlelo lokuholela abangasebenzi. Uthe bekumele baqale baqoqe imininingwane eyanele kuhulumeni nasezinkampanini ezizimele bese beyayiqhathanisa ukuze kuvele ukuthi abafake izicelo akukho lapho bethola khona imali.
“Uma seluphothuliwe uhlelo lokucubungulisisa imininingwane yabafake izicelo, luzoshesha kakhulu uhlelo lokubaholela”.
I-Sassa igcizelele ukuthi azikho izicelo ezizokwamukela ezifakwa emahhovisi abo.