UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthi kuzophenywa ukuthi ongqongqoshe baphila ngokwamandla abo yini ukulwa nenkohlakalo.
Izolo uRamaphosa obephendula imibuzo kwiNational Council of Provinces (NCOP), uthe uMqondisi Jikelele ehhovisi lakhe, uDkt Cassius Lubisi, uzophothula imigomo okufanele ilandelwe uma sekuphenywa ngokuthi abakuhulumeni baphila ngokwamandla abo yini.
Uthe ulindele ukuthola uhlelo lonke ngo-Okthoba nemibandela yakhona.
“Nami ngizophenywa ukuthi ngiphila ngokungangamandla ami yini. Kuzophenywa wonke amalungu eKhabhinethi, izikhulu zezinkampani zikahulumeni nabo bonke abasezinhlakeni zokuphatha. Ngokuhamba kwesikhathi ngifuna lolu hlelo luye nakomasipala kuphenywe izimeya nabo bonke abasezikhundleni eziphezulu,” kusho uRamaphosa.
Ilungu leDA, uNkk Cathleen Labuschagne, libuze uRamaphosa ukuthi ngabe ithini imibandela yesikweletu se-Eskom njengoba ibolekwe imali yiChina Development Bank, uRamaphosa uthe i-Eskom ayikwazi ukudalula imibandela yesikweletu sayo ngoba ukudalulwa kwayo kuzoyicindezela uma izama ukunyakaza emakethe.
I-Eskom inikezwe isikweletu sikaR33 billion ($2.5 billion) yibhange laseChina yanikwa noshwele weminyaka emihlanu ukuze ilungise isimo ngaphambi kokukhokha le mali.
Kufanele isiqede lesi sikweletu eminyakeni ewu-10 ezayo.
Amalungu e-EFF nawe-ANC ahhahhameze uNkk Labuschagne, ekhala ngokuthi ukube imali ibikhishwe yiWorld Bank ubengeke abuze imibandela yalesi sikweletu.
URamaphosa uphinde wakugcizelela ukuthi awukho umhlaba ozothathwa ngenkani kodwa kuzolandelwa umthetho uma sekuqala uhlelo lokubuyiswa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo.
“Baningi abanehaba uma kukhulunywa ngodaba lomhlaba. Ngeke sihlukumeze muntu uma sesiwubuyisa kodwa sizobe sivusa umnotho,” kusho
uRamaphosa.
Mayelana ne-tweet kamengameli wase-United States (US) uMnuz Donald Trump, uthe ihhovisi lakhe alikaze lithole ncwadi evela kuTrump ebuza ngodaba lo mhlaba kodwa iNingizimu Afrika inobudlelwane obuhle ne-US kwazise la mazwe asaqhubeka nokuhwebelana.