USIHLALO wekhomishini ephenya ngokulawulwa koMbuso yidlanzana, uJaji Raymond Zondo uzosikhipha kusasa isinqumo ngesicelo salowo owayengumengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma sokuthi ahoxe kule khomishini.
UZondo bekulindeleke ukuthi ethule isinqumo sakhe ngoLwesithathu ekuseni ngo-10 kodwa wasihlehlisela ku-3 ntambama isikhathi sokuhlala kwekhomishini. Ngaphambi kokuthi ushaye u-3, ikhomishini ishicilele esinye isitatimende iveza ukuthi uZondo usezophendula ngoLwesine ekuseni ngo-10 kulandela isitatimende esifakwe abameli baZuma ngoLwesithathu ekuseni bemsola ngokungakhulumi iqiniso ngobuhlobo bakhe noZuma ngoMsombuluko.
UZuma uthe uhubhuza amanga uZondo uma ethi akaze alibeke kwakhe ngoba bahlangana emzini wakhe kulandela ukubekwa kwakhe njengoSihlalo wale khomishini. Uphinde waveza nokuthi akulona iqiniso ukuthi uZuma wayenganawo amandla atheni kwezombusazwe kuleli ngesikhathi ebekwa njengeJaji ngo-1997. Kuzokhumbuleka ukuthi uZondo esitatimendeni asenze kwikhomishini kuleli sonto uthe bahlangana noZuma izikhawu ezimbalwa ngoba wayengumlandeli we-ANC kodwa ngaleso sikhathi uZuma wayesawungqongqoshe ngakho wayengenawo amandla atheni akubekweni kwakhe njengejaji. UZuma uthe kuyiphutha lokhu ngoba ngaso leso sikhathi wayenguSihlalo we-ANC kuzwelonke naKwaZulu-Natal futhi bakudingida njengeqembu ukuthuthukiswa kwabameli boHlanga.
“Ngiyazi ukungibiza ngongqongqoshe kuphela indlela yakho yokuzama ukwehlisa izinga engangikulo ukuze aveze ukuthi wayengangidingi ukuzakhela igama kwezomthetho,” kusho uZuma.
UZuma ufake isicelo ngokusemthethweni ngoMsombuluko, lapho enxuse khona uZondo ukuba angabi yingxenye yekhomishini uma yena esefakaza ngoba banobudlelwane.
UZuma ubale ofakazi abambalwa athi kwakubukeka sengathi uZondo uchema nabo kwababekusho ngakho uzizwa sengathi ngeke kube khona ubulungiswa uma esethula obakhe ubufakazi.