PHILI MJOLI
INHLANGANO egunyaza ukusetshenziswa kwamakhambi kuleli, iSouth African Health Products Regulatory Authority (SAHPRA), inxusa odokotela ukuthi bagweme ukwelapha abaneCorona ngamaphilisi asetshenziselwa ukubulala amazenze nezikelemu ezilwaneni i-Ivermectin, kuze kube ayaqinisekiswa ukuthi aphephile ukusetshenziswa kubantu.
Kuleli, i-Ivermectin ibhaliselwe ukuthi ibulala amazenze nezikelemu ezilwaneni , ayigunyaziwe ukuthi isetshenziswe kubantu kodwa muva nje abanye odokotela bayisebenzisela ukwelapha iziguli ezineCovid-19 .
I-SAHPRA esitatimendeni sayo esithunyelelwe abezindaba, ithe kuyenzeka ikugunyaze ukuthi i-Ivermectin isetshenziselwe ukwelapha izintwala notwayi kubantu, uma kufakwe isicelo esichaza ngezizathu.
Le nhlangano ithi kuyakhula ukusetshenziswa kwala maphilisi ukwelapha iCovid-19 kanti akuvumelekile. NgoLwesine kubanjwe indoda ebiphuma Dubai esikhumulweni sezindiza iKing Shaka Airport, iphethe la maphilisi angabiza uR100 000.
NgoLwesihlanu isibhedlela esiseThekwini, i-Ahmed Al-Kadi (AAK), sibekwe icala lokwephula umthetho olawula ukukhishwa kwemithi, iMedicines and Related Substances Act , ngemuva kokuthi kutholakale usokhemisi wakhona enikeza isiguli la maphilisi.
Esinye seziguli esinikezwe lawa maphilisi kulesi sibhedlela sibikele amaphoyisa neSAHPRA ukuthi sinikezwe lamaphilisi, uma sekuphenywa nebala kwatholaka ukuthi lokhu kwenzekile.
UMnuz Yuven Gounden okhulumela iSAPRAH, uthe usokhemisi onikeze isiguli amaphilisi nomphathi wesibhedlela, babekwe icala lokwephula umthetho olawula ukukhishwa kwemithi