KUZOPHELA nya ukungakhokhelwa ngesikhathi kosomabhizinisi baseThekwini namaphethelo emuva kokuvulwa kwesikhungo esizosiza osomabhizinisi abancane.
Lesi sikhungo esibizwa ngokuthi yiSMME Helpdesk, sikwaSeda, emakethe, eThekwini.
UNkk Diana Hoorzuk ophakanyiswe kwesePhini leMeya yeTheku, uthe bafuna osomabhizinisi abancane bakhokhelwe zingakapheli izinsuku eziyishumi uma sebeqede umsebenzi, bathumela zonke izimfanelo.
“ISMME Helpdesk izokweseka osomabhizinisi ngakho konke abakudingayo ngoba yibona abadala amathuba amaningi omsebenzi. Siyazi ukuthi leli hhovisi lizosiza ekuguquleni umnotho ngoba u-30% womsebenzi okhishwa wumasipala kufanele unikwe abesifazane, abantu abasha, abaphila nokukhubazeka nomakadebona,” kuchaza uNkk Hoorzuk.
Uthe isikhungo sizosiza futhi ekulweni nenkinga yokuthi ama-business forums aphazamise ukusebenza ezindaweni ezithile ngoba asezoba nendawo lapho ekhala khona.
Ugqugquzele osomabhizinisi abancane ukuthi uma bengakhokhelwanga ngomsebenzi asebewenzile emuva kwezinsuku eziwu-31, bazokwazi ukuza kwiSMME Helpdesk bayokhala ukuze basizakale.
Leli hhovisi linabasebenzi abawu-10.
Kubuye kwavulwa ihhovisi elibhekelele osomabhizinisi abaphila ngokukhubazeka, nesikhungo sobuchwepheshe lapho abantu bezokwazi ukufaka izicelo zomsebenzi online nokwenza okunye okudinga ubuchwepheshe besimanje.
UMnuz Mbusi Nzimande ongusihlalo we-eThekwini Disability Chamber, uthe bayajabula ngokuvulelwa isikhungo sabo ngoba baningi osomabhizinisi abaphila nokukhubazeka abadinga ukwesekwa.
“Osomabhizinisi abanokukhubazeka abasidingayo bazosithola khona la (kwaSeda) ngoba umasipala usenzele indawo yethu. Siyabonga kakhulu ngabakwenzile futhi siyathemba kuningi okuhle okuzayo,” kusho uNzimande.
UMnuz Wonder Jaca weBlack Business Forum ebiyaziwa ngokuthi yiFederation for Radical Economic Transformation, uthe bayakuseka ukuvulwa kweSMME Helpdesk ngoba izoxazulula izingqinamba zosomabhizinisi.
Uthe abasibona abantu abathanda ukulwa kodwa baye baphakamise izingqinamba zosomabhizinisi ukuze kutholakale izixazululo.
Uveze ukuthi kwamanye amathenda kuba nemicikilisho eminingi ekhiphela ngaphandle osomabhizinisi abancane kodwa uyathemba ukuthi bazokwazi ukulwa nalokhu njengoba sekuvulwe leli hhovisi.