‘Wonke amadoda kumele azinakekele aphinde aqinisekise ukuthi abesifazane, izingane nasebekhulile baphephile futhi bavikelekile emphakathini.”
Lawa amazwi ashiwo uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala ngenkathi kunomviliyelo ogubha inyanga yabantu besilisa eCity Hall, eThekwini izolo.
UZikalala uthe ngalo mviliyelo bafakazela ukuthi amadoda abambe iqhaza elikhulu ekwakheni nasekusimamiseni isizwe.
Lo mbukiso wamaphoyisa, izicishamlilo, amaphoyisa omgwaqo nakamasipala ubuhanjelwe oNgqongqoshe, izikhulu zikaMasipala weTheku, abaholi bezenkolo, abaholi bezendabuko nezinhlangano zomphakathi.
Inhloso yalo mbukiso bekuwukwethula umkhankaso wokugqugquzela amadoda ukuthi abe qotho, ukusungula inkundla yabesilisa lapho bezodingida izinkinga ababhekene nazo, bakhuthazane ukuba amadoda aqotho bephinde bebungaze amadoda enza okuhle emphakathini.
Abanye kulo mbukiso bebephethe izingqwembe ezinemibhalo ethi: 'Indoda eqotho iyanakekela' ... 'Indoda eqotho ayidlwenguli' nothi: 'indoda eqotho ilwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane.'
UNgqogqoshe wezokuThutha nokuPhepha komphakathi, uMnuz Mxolisi Kaunda, uthe ziningi izinkinga amadoda abhekana nazo ngakho nawo kumele esekwe.
“Kule mashi sifuna ukuqhakambisa okuhle okwenziwe amadoda ngoba sekuvame ukuthi amadoda athathwe njengabenzi bobubi emphakathini. Asiphakameni singamadoda sisebenzisane nabesifazane ukuze sizophila emphakathini ongcono,” kusho uKaunda.
Ibamba leMeya yeTheku, uNkk Fawzia Peer, lithe kubuyisa ithemba ukubona amadoda ehlangene ngenhloso yokuvikela umphakathi.
“UJulayi uyinyanga ebaluleke kakhulu ngoba asibungazi amadoda kuphela kodwa inyanga esibungaza ngayo owayengumengameli wakuleli uDkt Nelson Mandela. UMandela wayeyisibonelo sendoda yangempela, wayekuqhakambisa ukuphepha nokuthula emphakathini,” kusho uNkk Peer.
Uthe amadoda kumele adlale indima enkulu ukuqinisekisa ukuthi imindeni yawo iphephile.
Uthe umasipala uzoqhubeka nokusebenzisana nomphakathi namaphoyisa ukwenza lelizwe indawo engcono.
UZikalala uthe kuzoba nezihlelo ezihlukile ukugqugquzela abesilisa njengoba lomkhankaso wokugqugquzela ukwenza kahle kwamadoda uzohambela sonke isifundazwe.
“Kumele sifundise nezingane zabafana ukuba amadoda aqotho, ngakho ziningi izinhlelo esizoba nazo okubalwa ukuvakashela izikole ukuyokhuluma nabafundi, amakhempu, nezinkomfa lapho sizokhuluma khona njengamadoda,” kusho
uZikalala.