LIZOBUYELA ngoLwesihlanu eNkantolo yeMantshi KwaNongoma, ikhansela eliboshwe nabangu-11 ngecala lokushaywa ngesihluku kowesilisa owayesolwa ngokuthakatha endaweni, obonakala kwi-video elengiswa ngentambo esihlahleni.
UMnuz Nkosikhona Ndabandaba (40) oyikhansela eNtabayezulu KwaNongoma kuthiwa uboshwe ngempelasonto, wavela enkantolo izolo. Uzophinde avele ngoLwesihlanu ukuze afake isicelo sebheyili.
Kwi-video ezungeza ezinkundleni zokuxhumana, okukholakala ukuthi isigameko senzeke emasontweni amabili edlule, kubonakala owesilisa ona-30 ubudala elengiswa esihlahleni ngentambo, abanye beyidonsa bembuza ngesankahlu ukuthi kwathakathwa bani.
“Akukhulumeki? Khuluma! Kwafakwa ubani? Wakufaka kuphi? Uzokhuluma wena…”, kusho abesilisa bemlengisa ngentambo egaxwe esihlahleni.
Lo wesilisa uzwakala evuma ukuthi kukhona akwaziyo, ethi, “Kubili, kwaba kuthathu,...”
Kwaqale kwaboshwa abasolwa abayisishiyagalolunye ngaleli cala abebevela okwesibili enkantolo kanti uNdabandaba nababili kuthiwa bebevela okokuqala.
Akucaci noma ikhansela lalikhona yini kushaywa lo wesilisa kodwa umthombo weSolezwe uthe ngesikhathi sekushaywa abanye ababili okuthiwa bakhishwa yilo mlisa ukuthi uthakatha nabo, ikhansela lalikhona.
Kuthiwa laba basolakala ngezenzo zokuthakatha ezigodini ezintathu zakule ndawo, okukhona kuzo esaseNdlovini, esakwaThaphundu nesaseBuhleni.
Kuthiwa enye yezinduna yabiza umhlangano lapho lo wesilisa obonakala kwi-video, ashaywa kanzima waphoqwa khona ukuthi akhiphe athakatha nabo.
Lo mthombo uthi lo mlisa wabala inqwaba yemizi ayeyihamba etshala kuyo amabhodlela anomuthi awafaka emzini yabantu ethunywa ngunina.
Kuvele ukuthi amanye awo wayezikhiphela wona lapho ayekade ewafake khona ngesikhathi amalungu omphakathi ededela isibhaxu.
Uphinde waveza ukuthi lo wesilisa wazivumela yena ukuthi usebenzisana nonina.
Umthombo uthe umphakathi usola ukuthi lo mlisa nonina, kunabanye abantu abasebenzisana nabo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCapt Nqobile Gwala uthe abasolwa ababoshiwe bazophinde bavele eNkantolo yeMantshi KwaNongoma ngoLwesihlanu ngecala lokushaya.