Mbali Khanyile
UBEBULAWE wahlinziswa okwembuzi, wakhishwa inhliziyo, amaphaphu namathumbu owesifazane obezithwele isidumbu sakhe esitholwe silahlwe endleleni yezinyawo eHammarsdale izolo.
Abantu ithimba leSolezwe elibafice bekhandene endaweni yesehlo bebelokhu bekhale njalo ngesihluku okubulawe ngaso uNksz Snegugu Linda (19) otholwe ngumuntu obedlula ngendlela.
Omunye wabebekhona uthe isidumbu besiboshwe ngeduku entanyeni, sinamanxeba okugwazwa. Inhliziyo ibikude buduze nesidumbu sakhe, amathumbu namaphaphu kuseceleni kwaso.
“Isithuse kakhulu le nto ngoba asizwanga muntu ekhala. Siyasola ukuthi umufi uqale wabulawa ngaphambi kokuthi azolahlwa la. Bekuzoba lula ukumuzwa ukube lesi senzo senzeke kuyo indlela ngoba imizi yethu isondelene nayo.”
Umufi kuvele ukuthi ubulawe kade evakashele isoka lakhe eWoody Glen. Bese kuphele amasonto amabili ekulo.
Isoka lakhe, uMnuz Sibusiso Hlela (30), lithe ligcine ukumbona ngoMgqibelo ngabo-4 ntambama eya kubangani bakhe basendaweni.
“Ngiqale ukuthuka sengibona kuyoshaya u-8 ebusuku engabuyi endlini. Yilapho-ke engizame khona ukuhamba ngimbuza kubantu, nabo abebelokhu bengitshela ukuthi abamazi. Ngihlale kwaze kwasa kungalaleki ngizibuza ukuthi ukuphi. Kuthe uma sekuyoshaya o-6 ekuseni (izolo) ngezwa omunye wabangani bami engimemeza, engazisa ukuthi intombi yami igwaziwe,” kusho uHlela.
Eqhuba uthe ube esephuthuma endaweni okutholakale kuyo isidumbu wafika sekugcwele abantu.
“Kubuhlungu uma ngicabanga engikubone endaweni okutholakale kuyo isidumbu. Ubenezinyanga ezimbili ekhulelwe ingane yami. Njengoba nifika nje kade ngifunda incwadi yakhe angibhalela yona kudala sisanda kuthandana.”
Uchaze intombi yakhe njengomuntu obengenawo umsindo futhi obengabakhonzile abangani.
Unina kamufi, uNksz Londiwe Linda (33), uthe bese kuphele amasonto agcina ukubona indodakazi yakhe abelindele ukuthi ayibone izolo ngoba bebenezinto obekumele bazilungise.
“Kuzo zonke izitho zomzimba ezitholiwe, isisu sakhe (umbungu) asicacelwanga ngaso ukuthi sishonephi. Okunye okungaqondakali wukuthi abamuzwanga kanjani abantu uSne ekhala ngesikhathi ebulawelwa la esifice khona isidumbu sakhe?” kusho uNksz Linda.
Uthe indodakazi yakhe ibihlupha futhi iphuza njengazo zonke izingane.
Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu Natal, uCaptain Nqobile Gwala, usiqinisekisile isigameko sokubulawa kowesifazane ogwazwe amanxeba amaningi emhlane nasesiswini.
“Amaphoyisa aseMpumalanga aphenya icala lokubulala,” kusho uCapt Gwala.