KUSOLWA ukuziphindiselela, kubulawa abayisikhombisa oyedwa kubo okuthiwa udutshulwe esePhoenix ephuma kobheja, esigamekweni esishaqise umphakathi esenzeke eMawoti eNanda ngoLwesihlanu ntambama.
Abayisithupha kuthiwa badutshulwe ngabasolwa abathathu besesitolo esigamekweni okushone kusona abafundi ababili okukhona kubo nobefunda uGrade 12. Kusolakala ukuthi ngaphambi kokuthi imoto esolwayo kulesi sehlo idlulele kule ndawo, abasolwa bebeqale ngokudubula uMnuz Sivuyile Khonjwayo (30) wakhona eMawoti okuthiwa udutshulwe ePhoenix ephuma kobheja. Ilungu lomphakathi elisondelene nomndeni wakwaKhonjwayo lihlebele Isolezwe ukuthi yize kwabashonile kukhona abathelwe amachaphazela ngenxa yokuthi abebedubula bebebhekise kubona bonke abebesendaweni, kodwa bakholwa ukuthi yisenzo sokuziphindisela njengoba eveze ukuthi phakathi kwabashonile kunabathile abebesolwa ngokubulala usomabhizinisi owayedumile endaweni enendawo yokucima ukoma okuthiwa wadutshulwa ngonyaka odlule, kwashaqwa nemali.
“Kukhona abebevele befunwa ngenxa yalesi senzo. Ngebhadi kwakhona nabafana besikole nabanye abafana ababengangene engicabanga ukuthi bathelwe amachaphazelo. Ukudutshulwa kukaKhonjwayo ke khona kuyashaqisa ngoba ubengesiyena umuntu ojwayelene nalaba bafana kodwa kuthiwa nakhona kwabonakala imoto efanayo kwehla abantu bamdubula ngaphambi kokuthi badlulele lapho kubulawe khona abayisithupha,” usho kanje.
Uthe ngaphambi kwesigameko sokudutshulwa kwabayisithupha, wayesanda kuthola ucingo olumazisa ukuthi uKhonjwayo usedutshulwe abathile abebehamba ngemoto efanayo naleyo eyabonakala ngesikhathi kudutshulwa laba, aveze ukuthi kwenzeka esikhathini esingaphansi kwehora ethole ucingo.
Imizamo yokuthola amaphoyisa ukuqinisekisa isigameko sokubulawa kukaKhonjwayo ayiphumelelanga njengoba kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakaphenduli.
Kulesi sigameko kuthiwa kushone abafundi ababili ebebefunda esikoleni iMandlethu Secondary okungoWandile Fanaphi (17) noQaphelani Mkhovu (19) okuthiwa ubefunda uGrade 12. Abanye okuthiwa bashone kulesi sigameko uMlondi Getane (22), Phillip Hinsa (26), Mlondi Kunene (25) noLindo Sphambo (22).
Unina kaQaphelani ocele ukungadalulwa ngenxa yokwesaba, uthe ukubulawa kwendodana yakhe kushabalalise amathemba kwazise ubesethembile ukuthi izokwazi ukumtakula njengoba esebenza kanzima ebamba amatoho ebakhulisa eyedwa.
“Namanje akuvumi nokuthi ngenzeni. Ubuye esikoleni njengoba u-matric usuvele usuvulile, wakhumula umfaniswano wesikole njengenjwayelo, wahamba wayozihlalela esitolo nabangani bakhe. Bavele bajwayele ukuhlala esitolo uma bebuya esikoleni, kodwa kulokhu cishe kuqondane nokuthi bebehleli eduze kwabantu abathile ngoba ngineqiniso lokuthi yena nomngani wakhe bathelwe amachaphazelo. Ubeyingane engasebenzisi izidakamizwa, emncane akukho zitha esizaziyo abenazo,” usho kanje.
Uthe okubuhlungu ukuthi isidumbu sakhe simbozwe ngengubo umfowabo ona-16, kanti ngendlela athuke ngayo wesaba ngisho ukuthi uzoya kanjani esikoleni njengoba kuvulwa izikole kusasa.
Omunye owazibonela kwenzeka isigameko ongathandanga ukudalulwa, uthe wezwa kuqhuma isibhamu, waphuma wayoqalaza ukuthi kwenzekani.
“Ngibone imoto e-silver grey ivulwe izicabha okuthe uma ngibukisisa kwehla amadoda amabili adubula ebhekise kubagilwa abebezama ukubaleka. Abasolwa baqhubekile badubula okuthe emva kwesikhashana bangena emotweni bahamba, “usho kanje,