WILLEM PHUNGULA
KUSOLWA ukuthi uthathwe yisifo esiyamaniswa nokudliswa ushevu obeyiBambabukhosi lesizwe samaZulu, uNdlunkulu Mantfombi uMaDlamini Zulu.
UNdlunkulu waKwaKhangelamakengane, ukhothame ngoLwesine. Leli phephandaba selingakudalula ukuthi sekunesikhashana layizwa indaba yokuthi udunguzela nje uNdlunkulu, yingoba wadliswa ushevu khona ngaphakathi endlunkulu. Lokhu lakuthola ngomthombo osondele kakhulu endlunkulu. Umthombo wesibili, ongomunye wabaNtwana okhulume nephephandaba ngoLwesine, ngaphambi kokukhothama kukaNdlunkulu, uthe yindaba eyaziwa yiwo wonke umuntu ngaphakathi endlunkulu ukuthi wadliswa futhi uyaziwa osolwa ngokumdlisa.
"Hawu! Yinto eyaziwayo leyo. Isilo samemezela emcimbini wosuku lwaso lokuzalwa siKwaKhethomthandayo ngomunye unyaka, ukuthi uNdlunkulu Mantfombi udlisiwe futhi sagagula negama likandlunkulu osolwa ngokumdlisa ushevu," kusho uMntwana.
Ekhuluma nesinye seziteshi ezingaphansi kwenhlangano yezokusakaza kuleli iSABC, uNdunankulu kaZulu, uMntwana Mangosuthu Buthelezi, uthe uyazi ngamahlebezi okudliswa kukaNdlunkulu okhotheme kodwa akafuni ukugxila kuwo.
Esitatimendeni asithumele leli phephandaba, uShenge uthe odokotela bekumele ngabe bamhlinzile uNdlunkulu kodwa ’’bancoma ukuthi kumiswe ukuhlinzwa kwakhe ngoba unoshevu esibindini’’.
Ngokuthola kwephephandaba, isigameko senzeka ngo-2017 okwaphoqa ukuba uNdlunkulu okhotheme, aphuthunyiswe esibhedlela eMilpark, eGoli.
Egonyuluka ngokugula kweNdlovukazi, uShenge uveze ukuthi yibikwelakubo eSwatini emva kokuthi umnewabo iNgwenyama uMswati III, icele ukuthi ike iyokwelashwa ezweni lakubo. Uthe uhlale eside isikhathi ehamba esibhedlela saKwaManzini, khona eSwatini.
UMntwana Mangosuthu uveze nokuthi iNdlovukazi ilale isikhathi eside esibhedlela esiseGoli, iMilpark. Ike yabanjwa nawubhubhane iCovid-19 kodwa yabuye yasinda.
Uthe konke lokhu kwenzeka nje, uNdlunkulu ubengakasindi ekuguleni obekumngenisa ezibhedlela.